AWEKHO amathemba ngokuzwakala kwezintshumayelo zikaMnuz Mduduzi ‘Nyazilwezulu’ Shembe okuvela ukuthi zivaliwe emsakazweni Ukhozi FM AWEKHO amathemba ngokuzwakala kwezintshumayelo zikaMnuz Mduduzi ‘Nyazilwezulu’ Shembe okuvela ukuthi zivaliwe emsakazweni Ukhozi FM
AMANAZARETHA ohlangothini lwaseThembezinhle , asephumele obala aveza ukuthi yiwona avale izintshumayelo zabaseBuhleni emsakazweni Ukhozi FM ngoba zase zisetshenziselwa ukupikla ngecala.
Umsakazo Ukhozi uvame ukudlala izintshumayelo zamaNazaretha njalo ngoMgqibelo ekuseni ngo-7 ekuseni iphele ngo-7.30.
Phambilini bekushintshana zonke izinhlangothi zishumayela kodwa manje ezinye azisezwakali.
Njengamanje kushintshana abaseGinyezinye bemelwe wuMfundisi JS Mhlongo kubuye kuzwakale nabaseNazarite Baptist Church abaholwa wuMnuz Mthembeni Mpanza onelakhe ibandla ePinetown.
AbaseBuhleni abaholwa wuMnuz Mduduzi “Nyazilwezulu” Shembe nabaseThembezinhle abezwakali emoyeni futhi sekuyisikhashana bengezwakali. Kuvela lokhu nje, kusaqhubeka umbango wobuholi ophakathi kwabaseBuhleni nabaseThembezinhle
Okhulumela abaseThembezinhle abaholwa wuMnuz Phinda “Ukukhanya Kwelanga” Shembe, uMnuz Nkululeko Mthethwa, uthe akuyona imfihlo ukuthi yibona abanxusa Ukhozi ukuthi luhoxise abaseBuhleni.
“Into esayibuka wukuthi babengashumayeli babelwa abaseBuhleni futhi babegcina sebekhuluma izinto ezimayelana necala emsakazweni. Kungathi babebona ithuba lokuziphindiselela kithina. Sabhala incwadi sacela bahoxiswe ngoba basebenzisa umsakazo kabi,’’ kuchaza uMthethwa.
Uthe namanje ubona ukuthi kwaba yisinyathelo esihle leso ngoba akufanele uma udaba lusenkantolo kube khona abahamba belukhuluma noma kuphi.
Uthe bona abajahile ukushumayela emsakazweni kodwa bazolinda kuphele icala bathole okungokwabo.
UMthethwa uveze ukuthi lapho bayobe sebebavala bangaphinde bazwakale abaseBuhleni.
Okhulumela abaseBuhleni, uMnuz Thokozani Mncwabe, uthe bayazi ngalolu daba futhi bakholwa wukuthi amakholwa ayasiqonda isimo.
“Sathola ukuthi abaseThembezinhle bacele ukuthi sime ukushumayela. Yebo akusiphathanga kahle khona kodwa kuyaziwa ukuthi kunodaba lombango ngeke sisho lutho,’’ kuchaza uMncwabe.
Okhulumela iSABC, uMmoni Seapolelo, uthe bavalwa abaseBuhleni ngenxa yecala elisenkantolo.
“Sesike sabuya sabamema ukuthi balethe umuntu ozoshumayela kodwa bathi abanaye basenenkinga yokumkhetha. Sibe sesiqhubeka nabanye ababemi ngomumo baletha abantu,’’ kusho uMmoni.
Kulindwe isinqumo seNkantolo yoMthethosisekelo okuthiwa yiyona ezonquma ujuqu kuphele ngombango wobuholi.