Izindaba

Uphume ngebheyili umshumayeli osolwa ngokudlwengula umshana

S'MANGELE ZUMA|Published

Isithombe esigciniwe Isithombe esigciniwe

UNGAPHANDLE ngebheyili kaR5 000 umshumayeli (42) webandla lamaRoma eClermont osolwa ngokudlwengula umshana wakhe (16) okuthiwa wamvimbezela ngesikhathi elungiselela ukuya esikoleni emasontweni amabili edlule.

Lo mshumayeli waKwaDabeka igama lakhe eligodliwe ukuvikela isithunzi somshana wakhe kuthiwa ukhishwe ngebheyili eNkantolo yeMantshi ePinetown ngoLwesine.

Ngokusho kwelungu lomndeni womgilwa, lo mshumayeli okuthiwa uyilungu lomhlangano kaJosefa ebandleni, udonswe ngendlebe ukuthi angasondeli eduze komshana wakhe.

Icala kuthiwe lihleliselwe uMeyi 26, lapho kulindeleke ukuthi kuqalwe ukuqulwa kwecala.

“Sidumele ngokukhishwa kukamsolwa ngebheyili ngoba kuzobeka engcupheni impilo yentombazane. Umshana wakhe uvele wakhala ngesikhathi simtshela ukuthi umalume ukhishwe ngebheyili. Siyasaba ukuthi umsolwa angazama ukumthungatha umshana, azame ukucisha ubufakazi,” kusho ilungu lomndeni.

Uthe into ebaphatha kabi wukuthi odadewabo kamsolwa bebepikla ngaphandle kwenkantolo bejabulela ukukhishwa kukamsolwa ngebheyili.

“Ibuhlungu indaba yale ngane ngoba odadewabo bakanina bazwelana nomfowabo ongumsolwa. Le ngane sebeyayibandlulula ngoba unina nomsolwa bezalwa ngonina abahlukene kodwa uyise wabo uyedwa. Basola ingane ngokuqamba amanga nokuzama ukudicilela phansi isithunzi sikamalume wayo,” kusho leli lungu.

Liqhube lathi bazoqhubeka nokumeseka umgilwa ngoba abasiboni isizathu sokuthi aqambele amanga uninalume omkhulisile emuva kokushonelwa ngunina.

“Le ngane ibimkhonze kabi umalume wayo, ibingeke imqambele amanga. Ibimethemba njengoba engumuntu ohloniphekile endaweni nasenkonzweni. Umsolwa usezosizwa wukuthi kusamisiwe ukuyiwa ezinkonzweni ngoba ubezoba nenkinga. Asazi besebezothini abaphathi bakhe njengoba indaba yakhe ibifihliwe, kuthiwe uhanjiswe wumsebenzi ukuthi ayofunda,” kusho ilungu lomndeni.

Phambilini okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCaptain Nqobile Gwala wakuqinisekisa ukuthi amaphoyisa aKwaDabeka aphenya icala lokudlwengula.

Wathi umlisa ona-42 usolwa ngokudlwengula intombazane eneminyaka engu-16 ayaziyo.