INJINGA uMnuz Patrice Motsepe ifake uR1 billion empini yokulwa neCoronavirus ebeka phambili abahlwempu INJINGA uMnuz Patrice Motsepe ifake uR1 billion empini yokulwa neCoronavirus ebeka phambili abahlwempu
UMACAPHUNAKUSALE ophethe iqembu lebhola iMamelodi Sundowns, uMnuz Patrice Motsepe, usejoyine abanikelela ukulwa neCoronavirus (Covid-19) wanikela ngoR1 billion.
UMotsepe oyisikhulu sezimayini umemezele lokhu izolo esithangamini nabezindaba abenaso esebenzisa ezobuchwepheshe.
Uthe abantu abadla imbuya ngothi kuzoba yibona abahlomula kakhulu ngosizo azolukhipha njengoba kuxake leli gciwane.
Uveze ukuthi imali ayikhiphayo izothenga imithi yokubulala amagciwane, izifonyo, amaloli okuthutha amanzi nokunye okuningi okudingekayo.
“Abantu abantulayo abekho esimeni esikahle sokukwazi ukulwa negciwane ngenxa yesimo abahlala ngaphansi kwaso. Kufanele kube yibo esibabeka eqhulwini uma sikhipha imali ukuze bangasali ngaphandle,’’ kusho uMotsepe.
UMotsepe ulandela ezinye izingquphunga oMnuz Nicky Oppenheimer noMnuz Johan Rupert abanikele ngoR1 billion umuntu ngamunye.