Isithombe esigciniwe: Karen Sandison/ANA Isithombe esigciniwe: Karen Sandison/ANA
KUQWASHISWA abasebenzi abamisiwe emsebenzini nalabo abangeke bahole ngenxa yeCoronavirus ukuthi basheshe bazise amabhange abo nezinkampani abazikweletayo ukuthi ngeke babe nayo imali kulezi zinyanga ezizayo.
Okwamanje asikenziwa isimemezelo sokuthi amabhange, abaqashi noMnyango wezaBasebenzi uzobasiza kanjani abantu abamiswa emsebenzini nabazodilizwa ngenxa yobhubhane.
Izolo uNkk Funeka Montjane wakwaStandard Bank uthe bazolekelela osomabhizinisi abancane abangenelwa yinzuzo engaphansi kukaR20 million ngonyaka ngokumisa izikweletu zabo izinyanga ezintathu.
Lokhu kusho ukuthi imali abayikhokha nyangazonke ezikweletini zabo izoma kusukela ngo-Ephreli kuze kuphele uJuni.
Uthe nababoleke imali yokufunda bazolithola iholidi lokungakhokheli izikweletu izinyanga ezintathu.
Ababolekwe imali yezindlu nezimoto abangeni kulolu hlelo.
“Siyazi ukuthi kukhona abanezikweletu zezindlu nezimoto, okwamanje uhlelo alubafaki. Sicela abantu abanenkinga yokukhokhela izikweletu basazise ukuze sibone ukuthi sibenzela ziphi izinhlelo. Phela akusibo bonke abasebenzi abangeke bahole kule nyanga ngakho umuntu nomuntu kufanele athinte ibhange ukuze sibone ukuthi simlekelela kanjani,” kusho uNkk Montjane.
AbakwaNedbank bathe nabo banezinhlelo zokulula isikhathi sokukhokhela izikweletu ezehlukene kodwa bayacela amakhasimende abo abathinte.
Esitatimendeni bathe iCoronavirus yinkinga yawo wonke umuntu ngakho bazosebenza namakhasimende abo babone ukuthi izikweletu zawo bazozihlela kanjani.
Banalo nohlelo lokubolekisa ngemali emakhasimendeni anenkinga kodwa kuzofanela ukuthi aye ebhange ayobika isimo sawo.
Bagqugquzele amakhasimende abo ukuthi abathinte ku-086 055 5111 ukuze bawalekelele.
E-FNB bathe banazo izinhlelo zokulekela osomabhizinisi abancane abazothikamezwa yiCoronavirus.
Bathe basebenzisana neBanking Association of South Africa (BASA), yiBhange loMbuso nohulumeni ukuza nezixazululo ezizosiza umnotho, osomabhizinisi namakhasimende.
Abazange bacacise ngezinhlelo zabo kodwa bathembisa ukuthi bazokwenza isimemezelo ezinsukwini ezizayo.
E-Absa bathe babheka izinhlelo ezehlukene zokulekela amakhasimende abo.
INational Union of Metalworkers of South Africa (Numsa) ithe njengoba kuvalwa amafemu akhiqiza izimoto namanye isiqalile ukuxoxa nezinkampani ezimisa abasebenzi.
Iphakamise ukuthi kusetshenziswe i-Unemployment Insurance Fund (UIF) ukuholela abasebenzi abazobe besemakhaya.
“Kubalulekile ukuthi abanikazi bezimboni, uhulumeni noMnyango wezabaSebenzi baxoxe ngohlelo lokusiza abantu bakithi abazobe besemakhaya ngenxa yeCoronavirus. Asifuni ukuthi kume imiholo yabasebenzi kodwa kufanele baholelwe yi-UIF uma behleli ngoba akusilo iphutha labo kodwa yinhlekele yeCoronavirus ebaphoqa ukuthi bame emsebenzini,” kusho uNkk Phakamile Hlubi-Majola weNumsa.
Izolo aboMnyango wezabaSebenzi abayiphendulanga imibuzo abebethunyelwe yona kodwa esitatimendeni sabo ngeledlule uNgqongqoshe, uMnuz Thulas Nxesi, wathi kunohlelo lokulekelela izinkampani ezizomisa umsebenzi ngenxa yeCoronavirus.
“Uma izinkampani zivalwa okwesikhashana, abasebenzi bazothola i-UIF. Amathimba ethu azovakashela izinkampani ukuze azilekelele ngohlelo lokuthi abasebenzi bazo bathole imali,” kusho uNxesi.