Izindaba

IMeya yeTheku ibhalele imenenja incwadi eshubile

KHETHA SANGWENI|Published

IMENENJA kaMasipala uMnuz Sipho Nzuza IMENENJA kaMasipala uMnuz Sipho Nzuza

IMEYA yaseThekwini uMnuz Mxolisi Kaunda kuthiwa ithumele iMenenja kaMasipala uMnuz Sipho Nzuza, incwadi icela ukuba ibeke izizathu eziqinile ezingavimba ukuthi imiswe emsebenzini. Ngokusho komthombo, uNzuza uthunyelelwe incwadi ngasekuqaleni kwesonto esayinwe wuKaunda.

UNzuza kuthiwa uthola incwadi nje, uvele uhleli ekhaya emuva kokucela ikhefu lamasonto amabili. Usebenzise amandla akhe, waqoka uMnuz Sipho Cele ukuba abambe isikhundla semenenja. UNzuza ubevele enkantolo ngamacala enkohlakalo ethinta ukuqoqwa kukadoti.

Kuthiwa uKaunda ucele impendulo zingakapheli izinsuku eziyisikhombisa okusho ukuthi umnqamulajuqu uphela ngoLwesibili ozayo. Ebuzwa uNzuza ngencwadi, ukuqinisekisile ukuthi uyitholile futhi usayicubungula indaba yayo, wacela ukungandi kakhulu ngalolu daba.

Ubuziwe nangodaba lokuthi kungase kube nesinqumo esithi akazikhokhele izindleko zecala, zingathwalwa wumasipala wathi wudaba azoluxoxa nomqashi lolo ngeke angene kulona kakhulu futhi.

Okhulumela imeya yaseThekwini, uMnuz Mluleki Mtungwa, uthe ngeke aqinisekise ukuthi ikhona incwadi ethunyelelwe uNzuza.

“Noma ngabe ikhona-ke incwadi , izobe iqonde kuye uMshazi, ngeke sikhulume ngayo singazi noma yena useyitholile yini.Into engiyaziyo wukuthi uMshazi usahlabe ikhefu lezinsuku ezingu-14 eligunyazwe wumkhandlu,” kusho uMntungwa.

Umthombo othembekile ozazi kahle ezikamasipala uthe, uNzuza uhlokoloze isidleke seziqandu ngenxa yokuthi wathwesa amacala okungaziphathi abantu okwaziwayo ukuthi abathintwa ngoba sebeneminyaka besebenzela umkhandlu.

“ Uyazi kuke kwathi kunomhlangano womkhandlu uNzuza wathola sekufakwe ipheshana esikhwameni sakhe limsabisa ngokuthi usethinte abangathintwa kuzophela ngaye. Kade engagadwa kodwa lezo zinsongo abezithola zidale ukuthi agadwe njengoba esehlala ehamba nabaqaphi manje,’’ kusho umthombo.