Izindaba

Kuboshwe udadewabo wemeya

KHETHA SANGWENI|Published

UNksz Bawinile Nhlabathi (40) oyimeya, ubhekene necala nabaqaphi bakhe kanti bebebuyele eNkantolo yeMantshi oPhongolo ngoLwesihlanu. UNksz Bawinile Nhlabathi (40) oyimeya, ubhekene necala nabaqaphi bakhe kanti bebebuyele eNkantolo yeMantshi oPhongolo ngoLwesihlanu.

SEKUBOSHWE nodadewabo weMeya kaMasipala wasoPhongolo, ngecala lokutalabha insizwa beyisasazela nangabaqaphi.

UNksz Bawinile Nhlabathi (40) oyimeya, ubhekene necala nabaqaphi bakhe kanti bebebuyele eNkantolo yeMantshi oPhongolo ngoLwesihlanu.

Kuvele ukuthi kunabanye abaqaphi ababili ababoshiwe, nokwenza babe bathathu abasolwa abengeziwe uma kubalwa nodadewabo wemeya.

Imeya yayivele iboshwe kuqala nabanye abaqaphi bayo futhi ibivela okwesithathu enkantolo.

Isolezwe ngeSonto libuye lahabula ukuthi imeya yayisola uMnuz Eric Gumbi ngokweba njengoba washawa kabi kangaka. Kuthiwa uGumbi wathelekelwa yimeya nabaqaphi bayo edlula ngasemzini wayo, bamshaya wasala emayoywana yimivimbo wangeniswa esibhedlela. Kuthiwa udadewabo wemeya waba nesandla ngesikhathi kunabiswa uGumbi ngenduku.

Leli phephandaba lihabule nokuthi uGumbi walimala kanzima wathinteka nangaphakathi njengoba kuthiwa wayeshawa ngesihluku.

UMasipala wasoPhongolo usezandleni ze-ANC futhi ubuholi bayo KwaZulu-Natal sebuke baphawula bathi bulufakela izibuko udaba lwemeya.

I-NFP elokhu ilithamele njalo icala ithi liyoze liphethe ngoba ifuna ukubona kwenzeka ubulungiswa. UNobhala-Jikelele wayo uMnuz Canaan Mdletshe uthi bazolokhu bekhona befaka ingcindezi.

UMdletshe uphinde wagcizelela ukuthi kufanele imeya ishenxe esikhundleni ngoba abantu abakwazi ukuholwa wumuntu obhekene nezinsolo zokushaya kanzima.

Udaba kulindeleke ukuthi lubuyele enkantolo ngoMashi 25 lapho kulindeleke ukuthi udaba luqhubeke khona njengoba uphenyo lwamaphoyisa kuthiwa lusaqhubeka. Lisaqhubeka icala kanti imeya uNksz Nhlabathi ingaphandle ngebheyili nabanye abaqaphi.

Udadewabo wemeya usaboshiwe kulindeleke ukuthi afake isicelo sebheyili.