UMengameli we-IFP, uMnuz Velenkosini Hlabisa, uthe uZikalala ngonyaka odlule wathembisa imisebenzi emikhulu kahulumeni ebiza uR25 billion. UMengameli we-IFP, uMnuz Velenkosini Hlabisa, uthe uZikalala ngonyaka odlule wathembisa imisebenzi emikhulu kahulumeni ebiza uR25 billion.
INKULUMO kaNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Zikalala, ngesimo sesifundazwe ibe yinde kakhulu kodwa ibingenamsoco, kusho i-IFP.
Inkulumo kaZikalala ayifunde cishe kwahlangana noma ngaphezu kwamahora amabili ibinamakhasi awu-50.
UMengameli we-IFP, uMnuz Velenkosini Hlabisa, uthe uZikalala ngonyaka odlule wathembisa imisebenzi emikhulu kahulumeni ebiza uR25 billion.
“Besilindele ukuthi uzosinikeza imininingwane ngomsebenzi wemali engaka, asitshele nokuthi usukusiphi isigaba kodwa lokho akazange akwenze. Besilindele ukuthi asibikele futhi ukuthi emisebenzini ayethembise ngonyaka odlule, bangaki abantu abaqashiwe ohlelweni oluthile kodwa akakwenzanga lokho. Sibona ukuthi ukubalekele ukuba abike ngalokhu ayekuthembisile ngonyaka odlule. Lokho yinto yokuqala esiphoxile. Okwesibili i-IFP idumele ngenxa yokuthi kwezempilo kwenziwa izethembiso ezinkulu kodwa manje akusashiwo lutho,” kusho uHlabisa.
Uthe enye into abakhala ngayo wukuxega kwezokuphepha ezikoleni.
“i-IFP yayishilo ukuthi ukuba khona kwabantu abaphatha izagila ezikoleni akusizi ngalutho. Izingane sezibulala onogada ngoba ziyazi baphatha izagila. I-IFP ithi ngoba kufakwa imali onogada beholelwa abaqeqeshwe. Okunye okusidumazile wudaba lwamabhayisikili anikwa izingane ngoba izingane zakithi aziwadingi uma izulu lina. Ngeke uhambe ngebayisikili,” kusho uHlabisa.
Umholi we-EFF KwaZulu-Natal, uMnuz Vusi Khoza, uthe uZikalala akazange asho lutho mayelana nokuthuthukisa umnotho emakhaya.
“UNdunankulu ukhuluma ngokuthuthukiswa komnotho emalokishini nasemadolobheni okwenza abantu basemakhaya bafudukele emadolobheni bese kugcwala imikhukhu. Ukhulumile futhi ngomnotho ongalethwa yinsangu. Sifuna ukusho ukuthi yize insangu izowuthuthukisa umnotho kodwa ngeke sikuvume ukuthi imboni ilawulwe yidlanzana losomabhisinizi be-ANC,” kusho uKhoza.
Okhulumela i-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Ricardo Mthembu, uthe bacabanga ukuthi izinhlelo ezimenyezelwe wuZikalala zizoyisa isifundazwe phambili.
Uthe banethemba lokuthi konke okuthenjisiwe kuzokwenzeka.