Izindaba

#KZNSOPA: UZikalala ukhathazekile ngesimo somnotho

Kuben Chetty|Published

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal uMnuz Sihle Zikalala ethula inkulumo yesifundazwe namlanje ekuseni eRoyal Sports Grounds eMgungundlovu. Isithombe: Motshwari Mofokeng African News Agency(ANA). UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal uMnuz Sihle Zikalala ethula inkulumo yesifundazwe namlanje ekuseni eRoyal Sports Grounds eMgungundlovu. Isithombe: Motshwari Mofokeng African News Agency(ANA).

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal uMnuz Sihle Zikalala uthi isimo somnotho esibi siphoqa ukuthi uhulumeni aphuthumise imigomo ezoheha abatshalizimali ukuthi bathutheleke kuleli. 

UZikalala uveze lokhu ngoLwesithathu ngesikhathi ethulo inkulumo ngesimo sesifundazwe saKwaZulu-Natal eRoyal Show Grounds, eMgungundlovu ngoLwesithathu. Uveza lokhu nje, ngoLwesibili abeStatistic SA bamemezele ukuthi iNingizimu Afrika isesigabeni senzikamnotho ngenxa yokwehla kwezinga lokukhiqiza.

UZikalala uvumile ukuthi umnotho usezingeni eliphansi kakhulu wathi futhi yinto ehlasele umhlaba wonke.

''Umnotho womhlaba ungaphansi kwengcindezi futhi iCoronavirus isenzela phansi kakhulu nayo. Ukushuba kwesimo phakathi kwamazwe athile kudala ukuhweba kuphazamiseke,'' kusho uZikalala

Uthe abakhohliwe nokuthi abantu ikakhulukazi abasemakhaya basabhekene nezinkinga zokuhlupheka, ukungalingani nokweswela amathuba omsebenzi.

''Ngaphezu kwakhokonke lokhu, sisohlwini lwezifundazwe ezine ezibe nezinga elithe ukwenyuka ngokwakha amathuba omsebenzi. Sikhuluma ngemisebenzi engu-39 000, yingakho ke sithi kufanele uhulumeni aphuthumise,'' kusho uZikalala.

Uthinte nendaba yeBrexit wathi elakuleli linobudlelwano obukhulu ne-UK