UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal uMnuz Sihle Zikalala omemezele ukubuya kwezindiza zeSAA eThekwini ngesikhathi ethula inkulumo yesifundazwe eMgungundlovu ngoLwesithathu. Isithombe: Motshwari Mofokeng African News Agency(ANA). UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal uMnuz Sihle Zikalala omemezele ukubuya kwezindiza zeSAA eThekwini ngesikhathi ethula inkulumo yesifundazwe eMgungundlovu ngoLwesithathu. Isithombe: Motshwari Mofokeng African News Agency(ANA).
INGCINDEZI eqhamuka kwabezepolitiki basesifundazweni iKwaZulu-Natal, iphoqe abeSouth African Airways ukuthi baguqule isinqumo sabo sokuvala umzila oya eThekwini.
Lesi simemezelo senziwe wuNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Sihle zikalala namuhla ngesikhathi ethula inkulumo kwiState of the Province Address, eMgungundlovu.
UZikalala othe ngeledlule lesi sinqumo seSAA esokukhinyabeza ezomnotho, uthe izingxoxo zabo noNgqongqoshe wamabhizinisi kaHulumeni uMnuz Pravin Gordhan zibe yimpumelelo yingakho kube nale miphumela.
Uthe amabhanoyi asezoqhubeka nokuhamba ngendlela ejwayelekile efikela esikhumulweni sawo iKing Shaka. ITheku akulona kuphela elibe yizisulu zokuvalelwa amabhanoyi kodwa ne-East London nePort Elizabeth e-Eastern Cape.
Ngeledlule, uZikalala uveze ukungeneliseki ngokunqanyulwa kwamabhanoyi eza eThekwini obekuqale ukwenzeka ngempelasonto.
"Noma sikuqonda ukuthi i-SAA ibhekene nezinkinga emalini kodwa sibone ukuthi ukunqanyulwa kwamabhanoyi ngenhloso yokonga imali kwenziwe ezindaweni ezingafanele. IKing Shaka International Airport, isike yavezwa njengesikhumulo samabhanoyi esikhula ngokushesha," kuqhuba uZikalala.
UZikalala uthe lesi sinqumo besizoqeda amathuba omsebenzi eNingizimu Afrika ekubeni kodwa kuvikelwa amathuba omsebenzi amanye amazwe.