SIMPHEFUMULISA ngenxeba isikweletu semoto uMfundisi Bhekithemba Mthethwa onguyise kaKhaya Mthethwa Isithombe: FACEBOOK/KHAYA MTHETHWA SIMPHEFUMULISA ngenxeba isikweletu semoto uMfundisi Bhekithemba Mthethwa onguyise kaKhaya Mthethwa Isithombe: FACEBOOK/KHAYA MTHETHWA
UYISE womculi wowokholo uKhaya Mthethwa, ufongqa isigqoko kusomabhizinisi amkweleta isamba semali okuthiwa singaphezu kukaR 60 000, ukuba ambekezelele aze ayithole le mali.
UMfundisi Bhekithemba Mthethwa webandla i-Oasis Felowship Centre, umiswe kabi wusomabhizinisi uMnuz Siyabonga Dlamini othi uyifuna iphelele imali yakhe.
UDlamini uthi imoto yakhe yashayiswa yiloli likaMthethwa emgwaqweni thizeni eThekwini base bevumelana ngokuthi bazokhokhelana.
UDlamini uthi ube esehambisa imoto kumuntu ozoyikhanda ethembe ukuthi izokhokhelwa.
Kuthe sekufanele kukhokhwe imali uMthethwa wangabe esakwazi ukugcina isethembiso kwaze kwaphela unyaka. UDlamini uthi uMthethwa uke wamcela ukuba amthumelele imininingwane yakhe yasebhange kodwa walinda waze wacikeka ebona imali ingangeni. UDlamini uthi imoto yakhe ibisebenza ngaphansi kwe-Uber, ithutha abantu futhi imenzela imali ecela kuR 12 000 ngenyanga kodwa manje ayisangeni le mali.
"Sengike ngaya ngisho esontweni ngimcela kahle ukuba akhokhe ngoba isikweletu siyenyuka lapho okuhleli khona imoto. Abantu bafuna imali kimi yena akasabambi nezingcingo zami, uma ngimthola ulokhu engethembisa,’’ kusho uDlamini.
Uthi udaba useke walufaka kubameli bakhe kodwa bangamphatha kahle manje usehlela ukusebenzisa omunye ummeli.
UMthethwa ethintwa ngodaba akachithanga sikhathi, uvumile ukuthi udaba ulwazi ukusuka nokuhlala. Uthe ubhekene nenkinga yokubhedelwa yibhizinisi akabaleki nemali kaDlamini futhi naye wamchazela.
"Ngidlelwe amaloli ami ngadlelwa nenye imoto ngaphezulu kwabheda izinto, ayikho nhlobo imali. Angikuthandi ukukweleta umuntu, ngizama konke okusemandleni ukugwema lokho. Ikhona imali engiyilindile uma kwenzeka ingena ngiyombeka phambili ezinhlelweni zami, ngimkhokhele.
UMthethwa uthi usenamahloni okukhuluma noDlamini ngoba akasazi ukuthi uzothini kuye maqondana nemali. UMthethwa uthe uyayiqonda intukuthelo kaDlamini kodwa uyacela ukuba aqonde isimo abhekene naso. Uthe yena uyindoda ebahloniphayo abantu ngeke abaleke nemali yomuntu ngamabomu