LILALISWE egunjini labagula kakhulu esibhedlela isosha uNksz Linda Sibiya okusolwa ukuthi ligwazwe ngumkhwenyana walo kaningi likubo elisola ngokujola LILALISWE egunjini labagula kakhulu esibhedlela isosha uNksz Linda Sibiya okusolwa ukuthi ligwazwe ngumkhwenyana walo kaningi likubo elisola ngokujola
LISESIMENI esibucayi esibhedlela isosha laseDumbe umyeni walo okuthiwa ungumfundisi obhale ekhasini lakhe kwiFacebook ukuthi uyaxolisa ngakwenze kulo, ubesehluthukelwe yinhliziyo.
UNksz Linda Sibiya (29) kuthiwa usinde ngokulambisa ngesikhathi umyeni wakhe (igama eligodliwe) egasela kubo embhokoda ngommese amahlandla amaningi emuva kwengxabano ngeledlule ngoLwesibili emini.
Umsolwa kuthiwa uphume wabaleka ngemoto eshiya uNksz Sibiya ezitshela ukuthi ushonile.
NgoLwesithathu umsolwa kuthiwa ube esebhala ekhasini lakhe kwiFacebook esola uNksz Sibiya ngokumjolela kuze kube yikathathu.
Ngokombhalo wakwiFacebook umsolwa uveze ukuthi waqala ukuthandana noNksz Sibiya ngo-2004, ezitshela ukuthi uthole iphupho lakhe.
Uqhube wathi wamxolela ngesikhathi emjolela ngo-2012 nango-2014, uNkulunkulu waze wamupha amandla okuthi amlobole waze wamthembisa nomshado.
“Kodwa ngoba awunaso isimilo waphinde waqoma futhi ngonyaka odlule uthi umatasa noNkulunkulu kanti umatasa nendoda. Impela inhliziyo yami uyihlubulile, yingakho ngithathe lesi sinqumo engisithathe kuwe.
Ngiyethemba ukuthi okwenze kimi uyakugcina ngoba amanye amadoda ayokufaka isibhamu ekhanda, sodibana ezulwini ngoba wuNkulunkulu kuphela okwazi ukuhlenga impilo yomuntu,” kubhala umsolwa.
Ube esexolisa emndenini wakwaSibiya ngesenzo sakhe, waxolisa nasemndenini wakubo ngokuba yisibonelo esibi, wacela ukuthi bamkhulisele izingane zakhe.
Uphethe ngesicelo kubantu besifazane ukuthi bawatshele amadoda uma bengasawadingi.
Abasondelene noNksz Sibiya baveze ukuthi uyisosha kanti basichithile lesi sitatimende sikamsolwa, bamsola ngokuhlukumeza uNksz Sibiya ngokuhambe ezalisa yize ethandana naye.
Uninalume kaNksz Sibiya, uMnuz Evangelist Mthembu ubhale kwiFacebook egxeka isenzo sikamsolwa.
Uthe ukuthi umfundisi wamlobola umshana wakhe akumnikezi igunya lokuthi amhlukumeze.Ucele abantu ukuthi bangene nasekhasini likamsolwa ukukhuza ukuhlukunyezwa kwabesifazane.
Ethintwa Isolezwe ngeSonto, uMthembu uthe ucela ukunikezwa ithuba lokubhekana nokubehlele njengoba noNksz Sibiya esasegunjini labantu abagula kakhulu.
Uthe kuzoba ngcono ukuthi uNksz Sibiya azikhulumele yena uma esephapheme.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCaptain Nqobile Gwala uthe amaphoyisa asePaulpietersburg aphenya icala lokuzama ukubulala.
“Owesifazane oneminyaka engu-29 ugwazwe ngumuntu amaziyo ekubo eFrisgewacht Trust ngoLwesibili ngo-2:20 emini. Uphuthunyiswe esibhedlela emuva kokutholwa enamanxeba okugwazwa. Akukaboshwa muntu okwamanje, amaphoyisa ayaqhubeka nophenyo,” kusho uGwala.
Kunezinsolo zokuthi umfundisi usaphila lapho ekhona ngoba umbhalo abewufake kwiFacebook usususiwe.