USOTSWEBHU oMkhulu we-ANC uNkk Pemmy Majodina uthi amaqembu ezepolitiki kuzomele athumele izithunywa ezizowamela uma sekuphonswa imibuzo kuMvikeli woMphakathi * -Advocate Busisiwe Mkhwebane USOTSWEBHU oMkhulu we-ANC uNkk Pemmy Majodina uthi amaqembu ezepolitiki kuzomele athumele izithunywa ezizowamela uma sekuphonswa imibuzo kuMvikeli woMphakathi * -Advocate Busisiwe Mkhwebane
KULINDELEKE ukuthi i-ANC iphakamise amagama abantu abathathu abazokuba yizithunywa zayo ezizocwaninga isicelo seDA sokuthi iPhalamende ligudluze esikhundleni uMvikeli woMphakathi u-Advocate Busisiwe Mkhwebane, ngoba bekhala ngokuthi ubuholi bakhe abugculisi futhi umsebenzi akawenzi ngendlela efanele.
“Namhlanje (izolo) sizohambisa amagama abantu abathathu abazoba yingxenye yalolu cwaningo njengokwesivumelwano sesichibiyelo esenziwe ngo-2019,” kusho uSotswebhu oMkhulu we-ANC, uNkk Pemmy Majodina.
Ubekhuluma emhlanganweni wokuqala wekhokhasi yaleli qembu kulo nyaka.
Izolo bekulindeleke ukuthi namanye amaqembu aphakamise amagama ezithunywa ezizowamela uma sekudingidwa ngalolu daba.
Amagama abantu azomela amaqembu kumele ahanjiswe kuSomlomo wePhalamende uNkk Thandi Modise.
Kulindeleke ukuthi abantu abazokhethwa bathathe isinqumo sokugcina ngokumele kwenzeke ngekusasa loMvikeli wokuMphakathi.
Leli thimba linikezwe izinsuku eziwu-30 ukuthi lihambise izincomo neziphakamiso zalo kuSomlomo.
NgokukaNkk Majodina, leli thimba lizophinde libheke ukuthi kukhona yini abanye ngaphandle kuka-Advocate Mkhwebane abasebenzela izinhlangano ezingekho ngaphansi kukahulumeni, okumele nabo baphenywe.
“Kuzoya ngokombiko ozothokala ukuthi kumele yini kube khona ikomiti lasePhalamende elizobhekana nalokhu,” kuchaza uSotswebhu.
Uthe konke lokho kuzoya ngokuthi bayekweseka yini beyi-ANC noma cha. Uthe okwamanje abakafiki kuleso simo.
Ngeledlule ilungu lePhalamende elimele i-ANC uMnuz Supra Mahamapelo, owayenguNdunakulu waseNorth West, uthe i-ANC ngeke ikweseke ukuvotela ukuchithwa kuka-Advocate Mkhwebane emsebenzini awenzayo, okuyinto engezange yehle kahle eqenjini lakhe.