Izindaba

Inkosikazi igcine imvulele icala umfundisi oyiphilisa ngesibhaxu

S'MANGELE ZUMA|Published

Owayengumsakazi weMbokodo FM, uPastor Simo Nene webandla laseThekwini, iTrue Gospel of Christ Ministry Church. Owayengumsakazi weMbokodo FM, uPastor Simo Nene webandla laseThekwini, iTrue Gospel of Christ Ministry Church.

UVULELWE icala lokushaya yinkosikazi yakhe umfundisi owayengumsakazi weMbokodo FM, uPastor Simo Nene webandla laseThekwini, iTrue Gospel of Christ Ministry Church.

UNene owaziwa ngelika-Apostle Sthengwa, uvele kafushane eNkantolo yeMantshi yasePinetown ngoLwesihlanu emuva kokuboshwa ngamaphoyisa aKwaNdengezi ngoLwesithathu.

Ngokusho komthombo, inkosikazi kaNene, uNkk Thenjiwe “Lee” Nene (36) okuthiwa useshade nayo iminyaka eyisithupha, ibisikhathele ukuphenduka ukudla kwenduku uma beke bahilizisana ngokuthile.

Kulokhu kuthiwe babange ukuthi uNkk Nene usuke emzini wabo ePhoenix waya kubo KwaNdengezi ukuyobona udadewabo ogulayo.

“Umfundisi uNene ugasele kubo kwankosikazi yakhe ngoMsombuluko wafike wayishayela khona, eyisola ngokuphinga. Vele ungumuntu onesandla esilula nenkinga yokulawula wukudinwa kwakhe. Uma eke waxabana nomkakhe, akananazi uvele adedele isibhakela. Inkosikazi yakhe ibisimbekezelele isikhathi eside. Kulokhu uyishayile yavele yaqonda emaphoyiseni ukuyomvulela icala,” kusho umthombo.

Uthe ngo-2017, uNkk Nene, uke wahamba emzini wabo emuva kwengxabano enkulu lapho uNene amshaya waze waphuthunyiswa esibhedlela.

“Inkosikazi yabuyela emzini wayo emuva kokuthi exolisile, wayithembisa ukuthi akasobuye aphinde ayishaye. ULee ubesefana nesiboshwa, aphume endlini uma ehamba nomyeni wakhe kuphela,” kusho umthombo.

Uqhube wathi uNene phambilini wayeshade nomculi wokholo, naye okuthiwa waze wadivosa ngoba esekhathele ukushaywa.

UNkk Nene uthe ucela ukungaphawuli njengoba lolu daba selusingethwe abomthetho, uzokhuluma uma isikhathi sesifanele.

Ethintwa uNene ukuphikile ukuthi uvulelwe icala lokushaya yinkosikazi yakhe. Uthe lo osolwa ngokuba yinkosikazi yakhe uyilungu lebandla, ake ashutha nalo njengawo wonke amalungu ebandla.

“Uma ngenze into enjalo ngabe angiboshwanga ngani? Kumanje ngiyoshumayela kwenye inkonzo,” kusho uNene.

UNene kuvele ukuthi wakhonjwa indlela emsakazweni Imbokodo FM ngo-2018 emuva kokuhluleka ukuziphatha.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, ukuqinisekisile ukuthi uNene uvulelwe icala lokushaya esiteshini samaphoyisa KwaNdengezi.

Uthe uvelile enkantolo ngoLwesihlanu kepha akazi ukuthi icala lihlehliselwe luphi usuku njengoba idokodo lisasenkantolo.