UNGQONGQOSHE wezeziMali, uMnuz Tito Mboweni, osomnotho abathi kusazoba wumqansa kuye ukuwina impi ethinta izinkampani zikahulumeni kwi-ANC UNGQONGQOSHE wezeziMali, uMnuz Tito Mboweni, osomnotho abathi kusazoba wumqansa kuye ukuwina impi ethinta izinkampani zikahulumeni kwi-ANC
OSOMNOTHO baxwayise uNgqongqoshe wezeziMali, uMnuz Tito Mboweni, ukuthi ngeke ayiwine impi engaphakathi kwi-ANC, yokuthi kuqiniswe isandla ezinkampanini zikahulumeni.
I-ANC inqume ukuthi kumele lezi zinkampani zitakulwe.
Ezinye zalezi zinkampani ezisenkingeni yiSAA ne-Eskom.
UMboweni watshela abatshalimali emhlanganweni weWorld Economic Forum ukuthi uhulumeni ufuna ukulungisa izinkinga ezinkampanini zakhe, ikakhulu i-Eskom.
Osomnotho, uMnuz Dawie Roodt, we-Efficient Group noMnuz Iraj Abedian, wePan African Capital, bathe sekuphelile ngeSAA.
URoodt uthe i-ANC ihlukene phakathi ngoba uhulumeni akanayo imali eyanele kodwa le nhlangano iyaphoqa ukuthi zitakulwe izinkampani zikahulumeni.
“Kuyacaca ukuthi ayikho imali. Umbuzo ngukuthi wubani ozowina le mpi? UMboweni ngeke ayiwine le mpi,” kusho uRoodt.
U-Abedian uthe uhulumeni akanayo imali.
“Uma umgcinimafa ehluleka ukuthola uR2 billion weSAA imali ayikho.
“UMboweni esabelweni sezimali uzothi kumele kwenziwe okuthe thuthu ukusiza lezi zinkampani. Kumele zidayiswe.”