ISALE ilale amankeyane imoto egingqike kwashona ababili kuN2 eBallito, izolo ISALE ilale amankeyane imoto egingqike kwashona ababili kuN2 eBallito, izolo
KUSHONE abantu ababili ngesikhathi imoto abebehamba ngayo iphaphalaza iphuma emgwaqweni kuN2 ngaseBallito, izolo ntambama.
Ngokwesitatimende esifakwe ngabezimo eziphuthumayo bakwa-IPSS Medical Rescue, ekhasini labo kwiFacebook kuvela ukuthi le moto ebinomgibeli nomshayeli iphenduke amahlandla ambalwa ngemuva kokuphaphalaza emgwaqweni.
Kusolwa ukuthi le moto ngesikhathi igingqika ibachithile abebephakathi.
“Ngesikhathi abezimo eziphuthumayo befika endaweni yesigameko bathole umshayeli nomgibeli belele ngaphandle kwemoto. Laba ababili bahloliwe kwabe sekutholakala ukuthi bashonile endaweni yesigameko,” kusho isitatimende.
Okhulumela abakwaRoad Traffic Inspectorate, uSuperintendent Zinhle Mngomezulu, uthe abashonile ngabesilisa obekungumshayeli nomgibeli kanti imbangela yengozi ayikaziwa njengoba amaphoyisa efike imoto isivele igingqikile ilele eceleni komgwaqo.