Izindaba

URamaphosa uqaphe abafuna ukumketula

Reuters|Published

UZOHLALA alungise izinkinga zezwe uMnuz Cyril Ramaphosa ohoxise uhambo lwakhe lwaphesheya wathumelauNgqongqoshe wezeziMali, uMnuz Tito Mboweni Isithombe: ELMOND JIYANE/GCIS UZOHLALA alungise izinkinga zezwe uMnuz Cyril Ramaphosa ohoxise uhambo lwakhe lwaphesheya wathumelauNgqongqoshe wezeziMali, uMnuz Tito Mboweni Isithombe: ELMOND JIYANE/GCIS

UMENGAMELI wezwe, uMnuz Cyril Ramaphosa usenqume ukuluhoxisa uhambo lwakhe lwaphesheya eDavos, eSwizterland ukuze abhekane nemisebenzi yakhe alungise nezinye izinkinga ezixake izwe.

UMnyango wezeziMali umemezele kwiTwitter wawo ukuthi uRamaphosa usenqume ukuthumela uMnuz Tito Mboweni ukuba ayothamela le ngqungquthela emayelana nezomnotho.

UMboweni wuyena ozobe ehola ithimba lakuleli elizothamela ingqungquthela lapho okulindeleke khona

ukuba ashele nabatshalimali ukuba beze kuleli njengoba isimo somnotho sintenga.

Ingqungquthela ezobe ihlala ihlandla lika-50 izoqala ngoJanuwari 21 isongwe ngenyanga efanayo mhla ka 24, izothanyelwa yinqwaba yamazwe omhlaba.

Abahlaziyi bezepolitiki bathi uRamaphosa ukwenze lokhu ngoba ebona ukuthi intuthu iqhamuka ndawo zonke kwi-ANC nakuhulumeni yingakho ezama ukuhlala abhule umlilo.

UMnuz Xolani Dube weXubera Institute, uthe uRamaphosa ubefuna ukuqinisekisa ukuthi uba ngusihlalo womhlangano we-ANC ozoba ngoMsombuluko.

Lo mhlangano uzobe udingida ngezinkinga eziningi okubalwa kuzo nenkinga yakwa-Eskom neSAA.

UDube uthe uRamaphosa ugwema ukuthi umhlangano uphathwe yiphini lakhe uMnuz David Mabuza uma yena engekho.

UMnuz Ralph Matshekga ongumhlaziyi naye uvumelane noDube wathi uRamaphosa uyabona ukuthi umbuso

wakhe usengcupheni, kukhona abathile abafisa ukumketula.