Izindaba

I-SAA ifaka endalini amabhanoyi

Sihle Mavuso|Published

IBHANOYI lakwa-SAA i-Airbus A320-200 lipake eCape Town International Airport ngenyanga edlule. Isithombe: REUTERS IBHANOYI lakwa-SAA i-Airbus A320-200 lipake eCape Town International Airport ngenyanga edlule. Isithombe: REUTERS

INKAMPANI yezindiza yakuleli ehlaselwe yizinkinga iSAA , isinqume ukudayisa amabhanoyi angu-9.

Ngokomqingo wethenda yayo, le nkampani kuvela ukuthi icele abangase bafise ukuthenga amabhanoyi ukuba bangazibambezeli basondele kuyona.

Phakathi kwezindiza ezishaywa indali kukhona i-A340-300s, A340-600. Kuvela ukuthi ukudayiswa kwezindiza kuwumzamo wokwenza ngcono isimo sezimali esingesihle kahle kwaSAA.

Kuthiwa ukudayiswa kwamabhanoyi akuhambi kodwa njengoba kukhona nezinjini zawo eziyizipele ezishaywa indali nazo.

Ngonyaka odlule iSAA ifakwe ngaphansi kohlelo lokuthi ihlengwe ngoba igwiliza ezikweletini nezinkinga zemali ezingaphezu kwamandla.

Ngaleso sikhathi yayithenjiswe uR2 billion ovela kuhulumeni noR2 billion wokwebolekwa.

Umengameli wenyunyana yabasebenzi, uMnuz Mashudu Raphetha, uthi batshelwe wumlawuli waseSAA ukuthi uhulumeni ubengakayifaki imali athembise ukuyifaka  futhi leyo eyayibolekiwe iphelile manje.

Kuvela ukuthi empeleni uhulumeni wayethembise ukuthi imali izongena ungakashayi uJanuwari 19 nonyaka.

Ungoti bezokutakulwa kwamabhizinisi, uLes Matuson noSiviwe Dongwana bathe basenalo ithemba lokuthi isimo sizoba ngcono maduze, litholakale iqhinga lokutaku le nkampani.

I-SAA ichitha izindiza nje ike yahlaselwa yisiteleka sabasebenzi esimise kwasani ngonyaka odlule.