JACOB ZUMA JACOB ZUMA
OBENGUMENGAMELI wezwe, uMnuz Jacob Zuma, kulindeleke ukuthi athole incwadi emyalela ukuba ayovela phambi kweKhomishini ephenya ngokuLawulwa koMbuso yiDlanzana maduze nje.
Ijaji Raymond Zondo, yilona elinguSihlalo weKhomishini eyalelwe ukuba iphenye kabanzi.
Ikhomishini imemezele ukuthi ithimba layo labameli lizohlanganisa incwadi emema uZuma ukuba avele ngasekupheleni kwenyanga, azohlatshwa ngemibuzo.
Lokhu kwenzeka nje uZuma uhlehlise ukuvela kwakhe ngasekupheleni konyaka odlule, ekhala ngokungaphili kahle.
Kuvela ukuthi ungeniswe esibhedlela enokhwantalala, emuva kwalokho kwathiwa uphikelele eCuba lapho ayeyoxilongelwa ukugula okuhambisana nesigameko sezinsolo zokudliswa ushevu.
Ngesikhathi evelile ngonyaka odlule, uZuma waphika walala ngomhlane, ethi akaze enze lutho oluphambene nomthetho ngesikhathi esabusa.
Waze wabiza abanye abaholi be-ANC ngezimpimpi kodwa bamphonsela inselelo kwaze kwafakwana ezinkantolo.
UMnuz Derek Hanekom wafaka uZuma enkantolo efuna ukuhlawulwa ngokubizwa ngempimpi, wafike wanqoba.
UHanekom uke waba ngungqongqoshe ngaphansi kweKhabhinethi eholwa wuZuma.
UMnuz Ngoako Ramatlodi usanda kuveza ukuthi uzopheka uZuma ngemibuzo maqondana nezinsolo zokuba yimpimpi.
URamatlodi uke waba ngundunankulu waseLimpopo kanti uke waba wungqongqoshe kuyo futhi iKhabhinethi kaZuma kodwa wabuye waxoshwa ngokushesha.
Khonamanjalo uZuma akabonakalanga emcimbini we-ANC wokugubha iminyaka engu-108 yasungulwa.