Izindaba

Kubonwa ngokusa kwabalimele kugujwa kowendodana kaTzozo

S'MANGELE ZUMA|Published

UMCULI wekwaito uTzozo nendodana yakhe uSmanga “Shizze” Zulu okugwazwe kwalinyazwa abafana abayisithupha emcimbini wokugubha usuku lwayo lokuzalwa kubo eCaversham, ePinetown ngoNcibijane. Isithombe: INSTAGRAM/ TZOZOZULU UMCULI wekwaito uTzozo nendodana yakhe uSmanga “Shizze” Zulu okugwazwe kwalinyazwa abafana abayisithupha emcimbini wokugubha usuku lwayo lokuzalwa kubo eCaversham, ePinetown ngoNcibijane. Isithombe: INSTAGRAM/ TZOZOZULU

KUSOLWA utshwala nezidakamizwa ukuthi yizinto eziholele ekutheni kugwazane kanzima abafana abayisithupha, oyedwa kubonwa ngokusa kuye umva kwesehlo esenzeke emzini womculi wekwaito uTzozo Zulu, eCaversham Glen ePinetown ngoNcibijane.

Kuvela ukuthi injejane ibisemcimbini wokuhlukanisa unyaka, iNew Years Wave obuwenziwe yindodana kaTzozo engumculi, uSmanga “Shizze” Zulu.

Emcimbini kuthiwa kusuke ingxabano enamandla, okungacaci ukuthi ibimayelana nani.

Bekungokwesithathu umcimbi wenziwa obekugujwa kuwo nosuku lukaShizze lokuzalwa, ethula umucu omusha iKhandakhulu.

Ngokusho komzali womunye wabafana abalimele ocele ukungadalulwa, kakuveli ukuthi ingxabano isuswe yini.

Uthe indodana yakhe ishaywe yiqeqebane labafana izama ukulamulela umngani wayo obesegwaziwe ngaphandle kwesango lomuzi kaTzozo.

“Into engiphatha kabuhlungu wukuthi unina womfana kaTzozo ubekhona ekhaya ngesikhathi kusuka ingxabano. Kuthiwa akekho noyedwa umuntu omdala olamulile, kunalokho bavele bakhiya isango. Akekho obize amaphoyisa, kucishe kwaphuma izidumbu eziyisithupha lapha. Kawukwazi ukuhlela umcimbi ohlanganisa inqwaba yabantu kodwa ungaziqinisi ezokuphepha,” kusho wesifazane.

Uthe omunye wabafana ubangwa nezibi esibhedlela emuva kokugwazwa amahlandla amaningi emcimbini. Uveze ukuthi indodana yakhe ibingaqali ukuhambela umcimbi osemzini kaTzozo okwenze ukuthi angabi nenkinga uma ibuyela khona.

“Besazi ukuthi izingane ziphephile. Kujwayele ukuthi kube khona izigora ezigadayo ukuthi akekho osusa uthuthuva. Kwanalo mfana kaTzozo obebamemile akazange alamule. Inkinga abafana abalimele abaphumeli obala ukuthi bekubangweni, bathi basaba ukwenzakaliswa” kusho owesifazane.

Ethintwa uShizze, usiqinisekisile isigameko, wathi imbangela yengxabano kube wutshwala nezidakamizwa.

“Inkinga abafana base bephuzile futhi bebheme nezidakamizwa. Kwasuka ingxabano, omunye owashaywa wabiza abadala ukuthi bazomlwela. Bakhishelwa ngaphandle sekusuka umsindo nonina wayekhona. Sawabiza amaphoyisa. Ukube kasingenelelanga kwakuzofa abantu ngendlela obekushube ngayo,” kusho uShizze.

Uthe isigameko simphathe kabi ngoba umfana osesimweni esibucayi esibhedlela wumngani wakhe.

UTzozo uthe indodana yakhe imfihlele ngesigameko kodwa, wagxeka abazali babafana abalimele ngokungezi kuye kuzoxoxwa ngokwenzekile.

Uveze ukuthi ubengekho ngosuku lwesigameko, ematasa nomsebenzi uze wabuya ekhaya ngoJanuwari 2.

Uthe abazali kumele mabavule amacala emaphoyiseni, kuboshwe abalimaza amadodana abo.