KUBOSHWE amadoda amane asolwa ngokubulala nokucangcatha ngesando abashadikazi baseNdwendwe ngesikhathi beyolanda imali yestokofela.
Izidumbu zikaNkk Khonzeni Dube (56) nomyeni wakhe uMnuz Goodenough Dube (58) basesiDumbini kuthiwa zitholakale eWolongo, KwaMaphumulo, zinamanxeba anzima okulimala ekhanda, kwatholakala nesando eduze kwazo ngoLwesine.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uBrigadier Naicker, uthe abasolwa abane abaneminyaka engu-25 kuya kwengu-46 baboshwe ngoLwesihlanu emuva kophenyo lwamaphoyisa.
“Abasolwa batholwe nesibhamu, imali namaselula abashadikazi. Babekwe amacala amabili okubulala, elokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni nelokutholakala nempahla eyebiwe,” kusho uNaicker.
Uthe kulindeleke ukuthi bavele eNkantolo yeMantshi yaKwaMaphumulo kusasa.
Uveze ukuthi laba bashadikazi banyamalale nemoto yabo ngoLwesithathu babe sebetholakala sebeshonile benamanxeba okudutshulwa eWolongo ngoLwesine.
Uthe ngawo uLwesine amaphoyisa azama ukuhubha abasolwa ababehamba ngemoto yabashadikazi kodwa imoto yashayisa, baphuma babaleka ngezinyawo.
Uqhube wathi bathole ukuthi uNkk Dube uphume ekhaya nomyeni wakhe emuva kokushayelwa ucingo ngowesifazane owayefuna azolanda imali yestokofela.
Uthe emuva kwesikhashana behambile ekhaya umndeni wabo ube usushayelwa ucingo obelubafuna imali enkulu ukuze kudedelwe laba bashadikazi.