Izindaba

Indida ngendodana yomlingisi edubulekile

S'MANGELE ZUMA|Published

AKUCACI ngokudubuleka komfana uBhekani Gumbi oyindodana yomlingisi osanda kushona * -Andile Gumbi, lapha wayethathwe nonina uNksz Hlengiwe Ngcongo nodadewabo kanina uNksz Nokubonga Ngcongo emngcwabeni kayise AKUCACI ngokudubuleka komfana uBhekani Gumbi oyindodana yomlingisi osanda kushona * -Andile Gumbi, lapha wayethathwe nonina uNksz Hlengiwe Ngcongo nodadewabo kanina uNksz Nokubonga Ngcongo emngcwabeni kayise

ISESIMENI esibucayi esibhedlela saseGoli indodana (4) yomlingisi osanda kudlula emhlabeni, u-Andile Gumbi.

Lokhu kulandela ukuthi uBhekani Gumbi edubuleke esithweni sangasese ngesikhathi evakashele unina uNksz Hlengiwe Ngcongo eFourways, eGoli ngeSonto ebusuku.

Ngokusho kukanina ka-Andile, uNkk Philile Mthabela (58) waseMlaza, uBhekani udutshulwe yisibhamu sikamlamu kaNksz Ngcongo ebesisesikhwameni.

“UHlengiwe ungitshele ukuthi bebehleli nezihlobo zakhe begubha usuku lokuzalwa lukaBhekani ngesikhathi uBhekani ethatha isikhwama sikamlamu wakhe esasinesibhamu phakathi. Uthe umlamu wabe esememeza ukuthi akabeke phansi leso sikhwama wathuka wasilahla phansi, kwaqhuma isibhamu samdubula,” kusho uNkk Mthabela.

Uthe namanje usadidekile ukuthi umzukulu wakhe udubuleke kanjani ngoba isitatimende asithole emaphoyiseni asifani naleso esishiwo wuNksz Ngcongo.

“Sihambile saya eGoli ngoLwesithathu ukuyobona uBhekani. Siye nasesiteshini samaphoyisa iDouglasdale lapho icala elivulwe khona. Sithole ukuthi uBhekani wayenonina noyise ongamzali kuphela ngesikhathi edubuleka. Kuyangithusa ukuthi ngabe usenomunye ubaba ngokushesha,” kusho uNkk Mthabela.

Uthe akasho ukuthi uNksz Ngcongo akabambelele emathanjeni ka-Andile ngoba usemncane, impilo kumele iqhubeke.

“Ngikhale ngaze ngaphuma esibhedlela ngimbona umzukulu wami ekulesiya simo. Okungiphatha kabi wukuthi angazi ukuthi kuzokwenzakalani kuye njengoba edubuleke endaweni ebucayi.

“Ngifuna ubulungiswa, uma kukhona osephutheni ajeze,” kusho uNkk Mthabela.

Uqhube wathi: “Bengikhathazwa wukuthi * -Andile usanda kungishiya, kuzoba nguKhisimusi wokuqala engekho,” kusho uNkk Mthabela.

Uphikise nemibiko yokuthi uNksz Ngcongo wayeshadile no-Andile.

Uthe * -Andile wayegcine ecele isihlobo esihle, wayengakahambisi nomembeso kanti nesitifiketi sakhe sokushona siveza ukuthi ubengashadile.

Imizamo yokuthola ukuphawula kukaNksz Ngcongo ayizange iphumelele.

Uthe uma ezwa ukuthi ukhuluma nentatheli wabuza ukuthi kumayelana nani, maqede wathi usematasa ngeke akwazi ukukhuluma.

Okhulumela amaphoyisa eGauteng, uCaptain Mavela Masondo, uthe amaphoyisa avulele umnikazi wesibhamu icala lokuba budedengu

emuva kokuthi umfana oneminyaka emine ezidubule kwesingezansi.

“Kuthiwa ngeSonto ngabo 10.50 ebusuku, umlisa ona-35 wayehleli nomfana nonina ngesikhathi eshiya isikhwama esinesibhamu ekhabetheni lethelevishini, wabe esephuma eya emotweni.

“Uzwe sekuqhuma isibhamu engaphandle okuyilapho bebone khona ukuthi umfana usezidubule ngesibhamu asikhiphe esikhwameni,” kusho uMasondo.

Uthe umfana uphuthunyiswe esibhedlela, idokodo lecala lidluliselwe kumshushisi ukuze akhiphe isinqumo. Akukaboshwa muntu okwamanje.