UNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo uNkk Angie Motshekga uthi bazothathelwa izinyathelo othisha abazogoloza ukufundisa ngezocansi ezikoleni UNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo uNkk Angie Motshekga uthi bazothathelwa izinyathelo othisha abazogoloza ukufundisa ngezocansi ezikoleni
BAZOQONDISWA ubugwegwe othisha abangase bagoloze ukulandela uhlelo lokufundisa ngocansi ezikoleni i-comprehensive sexuality education (CSE) olususe umsindo.
Lesi sexwayiso sivela kuNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo uNkk Angie Motshekga ngesikhathi ephendula umbuzo welungu lePhalamende leDA uNksz Nomsa Marchesi.
UNkk Motshekga uthumele impendulo ebhaliwe embuzweni obubuzwe oweDA mayelana nalolu hlelo.
Umbuzo ubuthi kuzomiswa kanjani ngothisha abangeke bakwazi ukufundisa ngezocansi ngenxa yenkolo yabo noma belahlwa wonembeza babo.
UNkk Motshekga uthe akasiboni isizathu esingenza ukuthi kube nothisha abangakwazi ukufundisa ngesigatshana esithinta ucansi ngoba bazobe beqeqeshwe ngendlela efanele ukwenza lokho.
“Kuyothathwa izinyathelo zokuqondiswa ubugwegwe kulabo abangalandeli imiyalelo. Ngesikhathi uthisha esamisiwe kusaqhubeka icala siyobambisa omunye ukuze umsebenzi uqhubeke,’’ kuchaza uNkk Motshekga.
Uthe kuzoqeqeshwa ngisho abeluleki bezifundo ukuze konke kuhambe ngendlela.
Uthe akaboni ukuthi yini engavimba othisha beLife Orientation ukuba bafundise ngocansi ngoba belulokhu luyingxenye yalesi sifundo selokhu saqala ngo-2000.
UNksz Marchesi weDA akabange esatholakala ocingweni njengoba bekuzwakala sengathi luvaliwe.
UMnuz Basil Manuel umengameli weNational Professional Teachers’ Organisation of SA, uthe ukukhuluma kukangqongqoshe kunokwedelela phakathi futhi kukhomba ukuthi akaqondi kahle ngokwenzekayo.
Uthe bayabanxusa othisha abangamalungu abo ukuthi bafundise.
“Asinayo inkinga nesifundo kodwa sinenkinga nezinsiza ezizosetshenziswa uma sekufundwa. Uma ubheka ezinye izinto zakhona ziyashaqisa impela,’’ kusho uManuel.
Umengameli weNatu uMnuz Allen Thompson uthe sebeke bathola izikhalo kothisha abangamalungu bethi abeneme ngalolu hlelo lokufundisa.
“Sisalinde ukuzwa ukuthi umnyango uthi asifundise ini. Singase sibone isimanga sento ezomangaza umnyango yenzeka ngonyaka ozayo,’’ kusho uThompson
I-Sadtu ayitholakalanga ukuthi iphawule kuze kwashaya isikhathi sokushicilela.