Izindaba

Amafa ebandla laseBuhleni asezokwenganyelwa ngovunwe yinkantolo

Thokozani Ndlovu|Published

\WONKE amafa ebandla asezoba ngaphansi komholi ovunwe yinkantolo inkosi Phinda Shembe ‘Ukukhanya Kwelanga’ Isithombe: SITHUNYELWE \WONKE amafa ebandla asezoba ngaphansi komholi ovunwe yinkantolo inkosi Phinda Shembe ‘Ukukhanya Kwelanga’ Isithombe: SITHUNYELWE

SEKUQINISEKISIWE ukuthi wonke amafa ebandla lamaNazaretha eBuhleni azonikwa umholi webandla ovunwe yinkantolo, inkosi Phinda Shembe “Ukukhanya Kwelanga” bese kuyaphela “ngoNyazilwezulu” njengomholi.

Lezi zindaba ziqinisekiswe wummmeli, uMnuz Trevor Nkosi oselokhu ayibamba kusuka ngo-2011 emele abaseThembezinhle ecaleni lombango wobuholi bakwaShembe.

Ngokusho kukaNkosi, uMnuz Mduduzi Shembe akaseyena umholi waseBuhleni futhi akusamele abonakale ephethe inkonzo njengomholi webandla.

“Usengaba wumholi ngokuthi aqale elinye ibandla elingahlanganise lutho nobuNazaretha. Konke okwebandla abekusebenzisa ngethemba lokuthi ungumholi akusavumelekile ukuthi aphinde akuthinte. Njengamanje sisazohlangana siyithimba labameli sibheke wonke amafa akwaShembe okumele abuyele ngaphansi komholi okhona manje inkosi uPhinda Shembe. UMduduzi uzosala nezinto okungezakhe kuphela hhayi ezebandla. Ngokwazi kwami ngisho nomuzi waseBuhleni owebandla ngakho akasavumelekile ukuthi abe kuwona njengomholi kodwa usengahlala khona njengelungu elijwayelekile lebandla njengabo bonke abantu,” kusho uNkosi.

Uthe ngalokho kumele abantu baqonde ukuthi akuliwa nabo kodwa kusetshenziswa umthetho.

Uveze nokuthi alisekho nelincane ithuba lokuthi uNyazilwezulu usengaphinde adlulise icala.

“Kusuka liqala ukuqulwa ngo-2011, akekho osake waphikisa umthethosisekelo webandla wango-1999 owabhalwa wumholi uThingolwenkosazana. Kulo mthethosisekelo kuvela ukuthi wumholi kuphela onamandla okuqoka umholi ozolandela ngemuva kwakhe. Ukube bebephikisana nalokho besingabakhona isizathu sokuthi baphinde badlulise icala liye enkantolo yoMthethosisekelo. Njengoba kungazange kuvele lokhu kusuka icala liqala ngeke kusenzeka,” kuqhuba uNkosi.

Uthe okwamanje yonke into izokwenziwa kahle lucelwe uNyazilwezulu ukuthi luzehlele esihlalweni kodwa uma luba nenkani kuzoqiniswa isandla ngokuthi umthetho uthathe indawo.

Nezindleko zecala ezilinganiselwa kuR20 million uthe zizokhokhwa wuNyazi, uMfundisi Mbongwa Nzama nenkosi yamaQadi uMqoqi Ngcobo. Uveze ukuthi basazoxhumana nabeluleki bezentela ngemali okumele ikhokhwe baphinde basebenzisane nesikhonzi senkantolo ukuqoqa zonke izinto zebandla ziye kumholi ofanele.

UMnuz Nkululeko Mthethwa okhulumela abaseThembezinhle, uthe izinto oluzosala nazo uNyazi umuzi walo oseMatikwe, eNanda.

“Njengoba enomuzi wakhe ngeke aphazanyiswe kuwona ngoba naye ungubaba wekhaya. Owakubo owakhiwa wumholi uThingolwenkosazana obizwa ngokuthi kusePhalamende ongaphandle kwaseBuhleni asingene nakuwona ngoba yikubo. Bonke abaholi bakwaShembe bebenemizi yabo njengoba neNyangayezulu enguyise woThingolwenkosazana inowayo obizwa ngokuthi Ingqayizivele. EBuhleni ikomkhulu lebandla akekho umuntu wasemndenini wakwaShembe okuvumeleke ukuthi angcwatshwe khona kodwa kutshalwa abaholi kuphela khona. Lokho kusho ukuthi uMduduzi angahlala njengelungu lebandla futhi akanakungcwatshwa emagetsemane uma eshona,” kusho uMthethwa. Uthe uma kungukuthi uqala elinye ibandla kuzomele alibize ngelinye igama futhi angazisebenzisi nezihlabelelo zamaNazaretha kodwa abe nezakhe ezintsha.