Izindaba

UMakhubo uthembisa ukuthuthukisa idolobha laseGoli

Khaya Koko|Published

IMEYA entsha yedolobha laseGoli uMnuz Geoff Makhubo. Isithombe: Moeletsi Mabe IMEYA entsha yedolobha laseGoli uMnuz Geoff Makhubo. Isithombe: Moeletsi Mabe

IMEYA yaseGoli uMnuz Geoff Makhubo ithe izotshala uR100 billion wokuthuthukisa ingqalasizinda njengoba leli dolobha libhekene nezinkinga.

UMakhubo ugxeke owayeyimeya uMnuz Herman Mashaba wathi idolobha linesikweletu esifaka noR3.9 billion olwenziwa wuhlaka lukagesi lomkhandlu.

Lokhu kuqinisekiswe nayimenenja yedolobha, uDkt Ndivhoniswani Lukhwareni, obekhona esithangamini sabezindaba izolo.

“Lezi zinkinga zingawuwisa bhu umkhandlu. Ukutshalwa kwale mali yokuthuthukisa ingqalasizinda yinto ephuthumayo,” kusho uMakhubo.

Kulindeleke ukuthi amemezele ikomiti azosebenza nalo athe lizofaka nabamanye amaqembu.

Ukuchithile ukuthi uyingxenye yomcimbi ohleliwe okufakwe kuwo ikhanda lakhe osabalele ezinkundleni zokuxhumana wokubungaza ukuwina kwakhe.

Uthe akayona ingxenye yawo futhi akafuni ukufakwa entweni angayazi.

UMakhubo uqokwe njengemeya yaseGoli ngoLwesithathu ethatha izintambo kuMnuz Herman Mashaba weDemocratic Alliance (DA), olaxaze iDA nesikhundla sakhe sobumeya ngeyedlule kulandela ukubuya kukaNkk Helen Zille njengosihlalo wesigungu seqembu. Ukunqoba kwe-ANC kulolu khetho kwenze I-DA yasola amakhansela ayo nabebebambisene nayo ngokuphatha uMasipala waseGoli, ngokubenzela phansi emuva kokukhishwa ezintanjeni zokuphatha, abese beziphathe iminyaka emithathu.

I-DA ibiphethe lo masipala ngokuhlanganyela namaqembu i-IFP, FF Plus, ACDP, UDM, Cope ne-ACDP.

USihlalo weDA eGauteng, uMnuz Mike Moriarty, uthe iqembu labo liphoxekile ngemiphumela eliyitholile.

“Uma ucabanga kahle, bonke laba bantu ebesibambisene nabo bavotele i-ANC. Okudumaza kakhulu wukuthi ukhuluma nabantu, bathi ungakhathazeki sizokuvotela, bese uthola umphumela ofana nalona,” kusho Moriarty.

UMoriarty uthe uma kuhamba kanjena ubudlelwane babo namanye amaqembu eTshwane bungahle bube sengcupheni yokuba ibalahlekele iTshwane.

Emakhanseleni angu-268 avotile, uMakhubo uthole amavoti angu-137, obemele iDA uMnuz Funzela Ngobeni wathola amavoti angu-101, kwathi obemele i-EFF wathola angu-30.

I-ANC inezihlalo ezingu-122, iDA ibe nezingu-102, i-EFF inezingu-30.