USEDLULILE emhlabeni umculi wokholo ophinde abe ngumfundisi uNeyi Zimu. Isithombe: Sigciniwe USEDLULILE emhlabeni umculi wokholo ophinde abe ngumfundisi uNeyi Zimu. Isithombe: Sigciniwe
USEDLULILE emhlabeni umculi wokholo wakuleli ophinde abe ngumfundisi uNeyi Zimu obesekudlule izinyanga ehlaselwe wukugula.
Lo mculi ushone ngoLwesithathu ngemuva kwezinsukana inkosikazi yakhe uNelisiwe Sibisi-Zimu eveze ukuthi umyeni wakhe uhlaselwe wumdlavuza wesikhumba awulashelwa esibhedlela iChris Hani Baragwanath ngeChemotherapy.
Okhulumela i-Economic Freedom Fighters (EFF) kuzwelonke uMnuz Mbuyiseni Ndlozi uzwakalise ukudabuka ngokudlula kukaNeyi. Esitatimendeni esifakwe ekhasini le-EFF likaTwitter uthe uphatheke kabuhlungu ngokudlula emhlabeni kwenkakha yomculo wokholo uNeyi Zimu.
"Sicela ukuthi unkulunkulu uZimu ahlezi ecula ngaye alule isandla sakhe apholise amanxeba okudlula kwakhe emhlabeni. I-EFF ibusiswe umusa wakhe emculweni nasendumisweni. Kwimibuthano yethu ubeshumayela esitshela ukuthi sethembe unkulunkulu," kusho isitatimende.
Ukushona kukaNeyi kushiye usizi kwabanye osaziwayo nakubalandeli bakhe abebelokhu bebhala imiyalezo yenduduzo enkundleni uTwitter.
%%%twitter https://twitter.com/hashtag/RIPNeyiZimu?src=hash&ref_src=twsrc%5Etfw">#RIPNeyiZimu pic.twitter.com/WMFjv34MR1
— Economic Freedom Fighters (@EFFSouthAfrica)
%%%twitter https://twitter.com/hashtag/RIPNeyiZimu?src=hash&ref_src=twsrc%5Etfw">#RIPNeyiZimu💔😢 pic.twitter.com/iV66hw7crZ
— Lindo Myeni — TwittaNerd™ (@LindoMyeni)
%%%twitter https://twitter.com/hashtag/RIPNeyiZimu?src=hash&ref_src=twsrc%5Etfw">#RIPNeyiZimuYou represented the kingdom so well. Thank you for the contribution you have made and how you have touched our lives. Forever loved and your ministry will live on.
— Dr Tumi (@DrTumisang)
%%%twitter https://twitter.com/hashtag/RIPNEYIZIMU?src=hash&ref_src=twsrc%5Etfw">#RIPNEYIZIMU #JehovahRetshepileWena pic.twitter.com/nuzj2d2RCk
— Loyiso Majola (@ApostleLoyiso)