Izindaba

‘AmaNazaretha awadansi, avunyelwe ukugida kuphela’

Thokozani Ndlovu|Published

Isithombe esigciniwe sabebandla lakwaShembe. Isithombe: Motshwari Mofokeng/African News Agency (ANA) Isithombe esigciniwe sabebandla lakwaShembe. Isithombe: Motshwari Mofokeng/African News Agency (ANA)

SEKUYINTO ejwayelekile ukuthi abantu basale nemibuzo uma kukhona into eyenziwe wumuntu okhonza ebandleni lamaNazaretha, KwaShembe ebukeka ijwayelekile kwamanye amabandla.

Isibonelo, kwamanye amabandla kuyinto ejwayelekile ukuthi abakhonza kuwona babonakale bedansa ngesikhathi senkonzo kodwa okubukeka kuyihlazo nokudicilela phansi isithunzi sebandla uma kwenziwa yilungu lebandla laKwaShembe.

Lokho kubonakala ngokuthi kube yinto okukhulunywa ngayo ngisho nasezinkundleni zokuxhumana lapho kusuke kukhalwa ngalelo lungu elisuke lenza lokho KwaShembe.

Isolezwe ngeSonto lixoxe nabakhulumela zonke izinhlangothi zebandla lamaNazaretha, abavumelane ngazwi linye ukuthi ukudansa nezinye izinto esezenziwa kuleli bandla muva nje azivumelekile. Bathe ibandla lamaNazaretha linemithetho yalo elilawulayo eyaqalwa wumsunguli webandla, iNkosi Isaiah Mudliwamafa Shembe, uMqaliwendlela.

Bathe kuleli bandla akuvumelekile ukudansa ngisho ngabe awukho ebandleni uma ulandela imithetho yoMqaliwendlela.

Muva nje kuke kwabonakala umholi weNabachu, okungulusha lwamaNazaretha aseBuhleni, edansa aze ashaye nevosho phakathi ethempilini okukhalwe kakhulu ngakho ukuthi kuphambene nomthetho.

Okhulumela abaseBuhleni, uMnuz Thokozani Mncwabe, uthe alidansi nhlobo iNazaretha.

“Into evumelekile ukugida esontweni. Nakhona akuyona into eyenziwa noma yinini. Kugidwa kuphela uma isiphelile inkonzo futhi uma kuyisikhathi sawo umgidi ngoba akuyona into eyenzeka njalo. Ukucula amaculo okungewona awamaNazaretha nakho akwamukelekile nhlobo. Ebandleni sinencwadi yezihlabelelo enezihlabelelo ezingu-242. Zonke izihlabelelo zihambisana nenkonzo esuke yenziwa ngaleso sikhathi. Izinsimbi nazo azidlalwa kodwa kushaywa izimbomu nezigubhu kuphela,” kusho uMncwabe.

UNobhala wamaNazaretha ozinze eThembezinhle, uMshumayeli Chancey Sibisi, uthinte nendaba yezangoma ukuthi akuvumelekile ukuthi iNazaretha libe yisangoma.

“Uma uyisangoma awubhajadiswa ngisho ukubhajadiswa kumaNazaretha ngoba azivumelekile izangoma. Umuthi awusetshenziswa KwaShembe kodwa sikholelwa emafutheni namanzi. Bheka ngoba amafutha kuthiwa awokugcoba emzimbeni kodwa uma esethandazelwe uyakwazi ngisho ukuwakhotha akuphilise uma uyalelwe kanjalo. Ukuhlabela amadlozi akunankinga kodwa utshwala obungamukelekile uma wenza umsebenzi. Umuntu ogaya utshwala eyiNazaretha usuke esefana nomuntu osehlubukile esontweni. Abungeni ngisho emzini weNazaretha utshwala,” kusho uSibisi.

Uphinde waveza ukuthi akuvunyelwe ukuthi izintokazi zamaNazaretha zicwale izinwele ngokuzigcoba ngezinto ezenza ukuthi ziluleke noma zixhunywe. Nokupenda umlomo nezinzipho nakho akwamukelekile.

Okhulumela abaseGinyezinye, uMfundisi Joseph Mhlongo, uthe ngokwenkolo yobuNazaretha kuvumelekile ukuthi owesilisa wakhona athathe isithembu kodwa umshado ovunywe ngokweBhayibheli munye.

“Akusona isono ukuthatha unkosikazi wesibili kumaNazaretha kodwa kuyacaciswa ukuthi umshado wesibili akusewona okaNkulunkulu kodwa alikho icala uma uvumelene nonkosikazi wakho wokuqala. Ngisho usushada uyabuzwa ukuthi ushada umshado kaNkulunkulu noma owezwe. Owezwe kusuke kubhekuswe kowesibili uma usuvele usunaye unkosikazi futhi engashonile,” kusho umfundisi Mhlongo.

Uveze ukuthi ngokwenkolo yamaNazaretha akuvumelekile ukuthi unkosikazi ashade okwesibili uma eshonelwe yindoda kodwa indoda kuvumelekile ukuthi ingamthatha omunye unkosikazi uma kungukuthi ushonile owokuqala.

Kukhona omunye umkhuba osuwenziwa manje kumaNazaretha, ikakhulukazi awaseBuhleni, wokuthi kube nezintokazi esezinezingane eziyokhethwa ukuze zishade. UMnuz Thetha Ngiba, okhulumela abasekuPhakameni, uthe ayenziwa leyo nto kumaNazaretha kodwa kukhethwa intombi nto engakabi namntwana.

“Uma intombazane isinengane kuye kuthiwe kumele ithathwe abantu asebebadala enkonzweni okuyinto eyenzekayo nasosikweni lwesiZulu. Ayiyi ebhentshini lapho kukhethwa khona izintombi nto kodwa kuxoxisana imindeni eceleni ivumelane ngokuthi lowo oyithathayo ayithathe kodwa akwenziwa ngohlelo lwenkonzo,” kusho uNgiba.

Zonke izinhlangothi ziyavumelana ngokuthi alisetshenziswa nelilodwa iculo enkonzweni ngaphandle kwasesihlabelelweni samaNazaretha esaqoshwa wuMqaliwendlela.

Ezinye izinto ezizilwa amaNazaretha ukudla okunembiliso ngezinyanga ezithile uma kunemigidi ethile lapho kusuke kungadliwa ngisho isinkwa nekhekhe elenziwe ngemvubelo.