IMEYA yaseThekwini uMnuz Mxolisi Kaunda ikhuthaza amadoda ukuthi aganwe ukuze akhe imindeni enesisekelo Isithombe: FACEBOOK/ ETHEKWINI MUNICIPALITY IMEYA yaseThekwini uMnuz Mxolisi Kaunda ikhuthaza amadoda ukuthi aganwe ukuze akhe imindeni enesisekelo Isithombe: FACEBOOK/ ETHEKWINI MUNICIPALITY
IMEYA yaseThekwini uMnuz Mxolisi Kaunda yeluleke amadoda ukuthi ahlukane nokukipita kodwa aganwe, abe namakhosikazi aqondile ukuze akhe imindeni efudumele enesisekelo.
UKaunda ukusho lokhu ngesikhathi umasipala weTheku uqhuba umkhankanso wezinsuku ezingu-16 wokulwa nokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane erenki yamatekisi ePinetown, ngoLwesithathu.
Ukhuthaza amadoda ukuthi ayovela ekhweni lawo ngalokho okuncane anakho ukubonisa ukuthi anayo intshisekelo yokuganwa.
Uze wenza isibonelo ngaye ukuthi uyindoda eganwe ngamakhosikazi amathathu okuyinto eshaqise abaningi ngoba uKaunda ubengakuvezi ukuthi uyindoda yesithembu.
Ukuveze lokhu ngesikhathi ethi abantu abaningi bebezitshela ukuthi abezindaba bakhuluma ngaye ngesikhathi kuvela imibiko yeMeya yaseTshwane ethinteka ezinsolweni zocansi.
Ngokusho komthombo ozizwele uKaunda ekhuluma, uthe ushaqekile ukuzwa ukuthi unesithembu.
“UKaunda uthe yena unamakhosikazi amathathu futhi asenele, akasababheki abesifazane noma intombi ingatshikizisa isinqe kangakanani. Uyakwazi ukufihla uKaunda, bengingakaze ngimcabangele ukuthi unesithembu. Asikaze siwabone amakhosikazi akhe, sazi uMnuz Jacob Zuma owaphumela obala ngesithembu sakhe,” kusho umthombo.
Engxoxweni ekhethekile neSolezwe ngeSonto, uKaunda wenqabile ukuphawula ngesithembu sakhe.
Uthe ukuveze lokhu ngoba egqugquzela amadoda ukuthi aganwe kodwa wathi akazimisele ngokuphawula kwabezindaba ngezinto ezithinta umndeni wakhe.
“Into ekumele ibe seqhulwini wumkhankaso wokulwa nokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane, hhayi izindaba zami. Angifuni le ndaba ize ifihle imiyalezo eyakhayo ebesiyidlulisa kubantu, lapho ebesigqugquzela khona obaba abaqotho.
“Abazwile ngikhuluma ngesithembu balungile impela kodwa okubalulekile ukuthi bengikhuthaza ukwakhiwa kwemindeni,” kusho uKaunda.
Uthe lo mkhankaso basawuqhuba njengoba ngoLwesine ubehambele enkundleni yezemidlalo KwaNdengezi lapho ebeshumayela khona ivangeli elifanayo.
Uveze ukuthi inkulumo yakhe igcine isigxile emadodeni ngenxa yokuthi izigameko eziningi ezibikwayo ngezokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane.
“Umonakalo omningi udaleka ngesikhathi abantu bekipitile. Izingane ezikhula ngaphandle koyise ziba nenkinga.
“Umama uyahluleka ukuyikhulisa kahle ngoba kuba nesikhala sezeluleko zikababa. Amadoda amaningi avika ngokuthi awasebenzi kanti uma kuthandanwa kuganiselwana, akumele kubekwe imali phambili. Lokhu okuncane umuntu anakho kumele ayovela ngakho ekhweni lakhe.”
Uqhube wathi inhloso yalo mkhankaso ngukukhuza amadoda ukuthi ayeke ukuba yizilwane nokuthi abantu besifazane bathobele abayeni babo.
Uveze nokubaluleka kokubambisana komndeni nomphakathi ekukhuliseni izingane ukuze zibe ngamadoda namakhosikazi ayisibonelo esihle.