USADIDEKILE uMnuz Thulani Mdletshe waseMandeni owebelwe imali yelobolo enguR22 000 ngosuku olwandulela umcimbi wakhe wokulobola nokuhambisa izibizo USADIDEKILE uMnuz Thulani Mdletshe waseMandeni owebelwe imali yelobolo enguR22 000 ngosuku olwandulela umcimbi wakhe wokulobola nokuhambisa izibizo
UDUBE ikhaya umlisa waseMandeni ongenelwe wumlisa obehlome ngesibhamu wamphuca imali enguR22 000 abehlele ukuyolobola ngayo isinqandamathe sakhe sasePort Shepstone ngempelasonto edlule.
UMnuz Thulani Mdletshe (40) usola ukuthi udayiswe wumalume wakhe, uMnuz Soka Mdletshe, obengumkhongi omkhulu.
“Umalume ngifikele kuye nentombi yakhe ngoMgqibelo ngiphuma eThekwini. Umalume wathi angimbonise imali yelobolo siyibale naye ukuze ngingamhlazi ekhweni ngakusasa ngosuku lomcimbi.
“Bengiphethe isikhwama esikhulu sezimpahla, phakathi kuso bekukhona esinye isikhwama esincane esinemali. Sayibala imali kwaba uR22 000, ngaphinde ngayibuyisela esikhwameni,” kusho uMdletshe.
Uthe intombi kamalume yabe isicela ukumu-ayinela umswenko azowugqoka emcimbini, yathi izomehlisela wona endlini yakhe uma isiqedile.
“Ngithathe isikhwama ngaya endlini yami, ngayolungisela umcimbi. Intombi kamalume ifikile emuva kwemizuzu engu-30 izongilethela izingubo zami. Ngithathe izingubo ngayozibeka ekamelweni ngazi ukuthi vele umalumekazi uzovala isicabha. Ngibe sengikhiya isicabha ngayolala,” kusho uMdletshe.
Uthe kuthe esesembhedeni kwavumbuka indoda ebiphethe isibhamu, yadumela isikhwama sakhe yakhipha lesi esinemali.
Uveze ukuthi umsolwa ube esephahlaza ingilazi yesicabha, waphuma ngaso.
“Ngize ngasikwa yingilazi esandleni ngithi ngizama ukunqanda le ndoda. Ngibe sengiya endlini kamalume ukuyombikela kodwa wathi uselele uzongibona ekuseni. Ngingqongqozele nomama wami nodadewethu nabo bathi bazongibona ekuseni, angihambe ngiyolala,” kusho uMdletshe.
Uthe uyasola ukuthi yitulo leli elenziwe wumndeni wakhe ngoba ubungayizwa eyokuthi ulobola intombi yasePort Shepstone.
“Umuntu wami abakaze bamthande ekhaya. Bebethi ngisukele umuntu onengane, yize nami nginazo ezinye izingane ezintathu. Odadewethu banqabile ukungiphelezela ukuthi ngihambise izibizo bese ngize ngacela abantu basebandleni lami.
“Ngidumele ngoba ngisinde ezigebengwini zaseThekwini kanti ngizogetshengwa ekhaya. Afika amaphoyisa aseNyoni ekhaya athatha izitatimende kodwa nawo angitshela ukuthi imali yebiwe ekhaya,” kusho uMdletshe.
Uthe akazi ukuthi uzobabhekelwa wubani abasekhweni lakhe njengoba bekulindelele ukuthi ayolobola aphinde ahambise nezibizo ngeSonto.
Intombi kaMdletshe, uNksz Zine Blose (28), ithe iphoxekile kubhuntsha umcimbi wakhe ngomzuzu wokugcina.
“Akakwazanga ukusheshe angitshele ngokumehlele ngoba isigebengu sathatha neselula yakhe. Ungishayele ucingo emini ngosuku lomcimbi sekuqedwe ngisho ukupheka nabantu begcwele igceke. Ngisizwe wumndeni nabazalwane bami abangiduduzile sengithola ukuthi akasezi umkhwenyana,” kusho uNksz Blose.
Ethintwa umalume kaMdletshe, uphikile ukuthi unolwazi ngomuntu owebe imali yomshana wakhe.
Uthe akabonanga lutho, uzwe ngomshana wakhe ukuthi imali yelobolo ayisekho.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala, uthe alikho icala elifana naleli elivuliwe kodwa angacebisa uMdletshe ukuthi ayovula icala.