UNKSZ Precious Ramabulana obefunda eCapricorn TVET utholwe ngeSonto egwaziwe egumbini abelala kulo. Isithombe: Twitter UNKSZ Precious Ramabulana obefunda eCapricorn TVET utholwe ngeSonto egwaziwe egumbini abelala kulo. Isithombe: Twitter
AMAPHOYISA aseLimpopo abophe umsola oneminyaka engu-28 ngokubulawa ngesihluku kwesitshudeni saseCapricorn TVET uNksz Precious Ramabulana otholwe egwazwe amanxeba angu-52 ngeSonto.
Noma kungakaqinisekiswa kodwa kusolakala ukuthi umufi wadlwengula ngaphambi kokubulawa. Lesi sitshudeni ebesenza izifundo zeBusiness Management sigwazwe endaweni ebesiqashe kuyo esondelene nesikole. UNgqongqoshe weZokuphepha koMphakathi, uMnuz Dickson Masemola, ekhumula eTzaneen ngoLwesibili umemezele ukuthi amaphoyisa abophe umsolwa ngemuva kokuthi uKhomishana wamaPhoyisa kuZwelonke, uGeneral Khehla Sitole eyalele amaphoyisa ukuthi asebenzise umgomo wamahora angu-72 wophenyo oluphuthumayo.
"Leli cebo ligunyaze ukusebenza kwezinsiza eziphezulu okubalwa ubuchwepheshe beCrime Intelligence, Forensic Services, kanye neDirectorate for Priority Crime Investigations and Detective Services. Lokhu kusebenza ngokushesha kuthele umphumela omuhle njengoba amaphoyisa ebophe umsolwa oneminyaka engu-28 mayelana nokubulawa kukaPrecious (Ramabulana).
"Umsolwa ubehlala esigodini saseNyakeleng, eBotlokwa kanti uboshelwe emzini wabazali bakhe. Amaphoyisa aphinde athola iselula okusolakala ukuthi ibingekaPrecious, izingubo ezinegazi kanye nokusolakala ngokuba yisikhali esisetshenziswe ukwenza lokhu," kusho uMasemola.
Ukubulawa kukaRamabulana kwethuse abaningi ezweni lonke, iningi lethuswa yindlela abulawe ngayo. Uthisha obefundisa uRamabulana, uMnu Stephen Mashitisho ubhale ekhasini lakhe kuFacebook ethi uphelelwe ngamazwi ngokubulawa kwakhe.
“Ngiphelelwa amagama engingawasho. Ubengumfundi wami obekhaliphile kakhulu. Ubeyithanda imfundo, esebenza kanzima.
“Ubeyithakasela impilo kodwa kwaba khona umuntu onomhawu, wabe esemphuca impilo," kubhala uMashitilo.
Ungqongqohe uMasemalo uthe usekhululekile njengoba kukhona umsolw oseboshiwe.
"Ngikhuluma nani namhlanje ngemizwa ehlukene, yokudumala kanjalo neyokukhululeka. Eyokudumala ngoba njengesifundazwe iLimpopo kanye nezwe silahlekelwe umuntu wesifazane osemncane, uPrincess Ramabulana obulawe yisigebengu esingenanembeza. Siyazethemba ukuthi sibophe umsolwa ofanele. Abaphenyi kufanele banconywe ngokubopha umsolwa nokushesha. Ngifisa nokubonga umphakathi ngokwehlisa umoya ngesikhathi kwenziwa uphenyo kanye neqhaza olibambile kulokhu neminye imikhankaso yokulwa nobugebengu," kusho yena.