UNGQONGQOSHE wezokuThuthukiswa koMnotho namaBhizinisi kaHulumeni uNkk Nomusa Dube-Ncube nozakwakhe ngesikhathi bekhuluma ngokutshalwa kwensangu eNkosi Albert Luthuli International Convention Centre, eThekwini, ngoLwesithathu. Isithombe: Sithunyelwe UNGQONGQOSHE wezokuThuthukiswa koMnotho namaBhizinisi kaHulumeni uNkk Nomusa Dube-Ncube nozakwakhe ngesikhathi bekhuluma ngokutshalwa kwensangu eNkosi Albert Luthuli International Convention Centre, eThekwini, ngoLwesithathu. Isithombe: Sithunyelwe
UMNYANGO wezokuThuthukiswa koMnotho nobuHoli bezamaBhizinisi kaHulumeni uthi usuzimisele ukwelekelela osomabhizinisi abasebancane abafuna ukwenza imikhiqizo yensangu kuleli.
Lokhu kuvezwe ngungqongqoshe uNkk Nomusa Dube-Ncube ngesikhathi ekhuluma kwingqungquthela yensangu, iCannabis Investment Protocol, ebiseNkosi Albert Luthuli International Converntion Centre, eThekwini ngoLwesithathu. Ethula inkulumo yakhe phambi kwezihambeli zalo mcimbi uthe, ngesikhathi benesidlo sasekuseni iKZN Growth Coalition ngo-Agasti bahlongoza ukuthi bewuhulumeni bahlose ukulekelela abalimi abancane njengendlela yokulwa nokwentuleka kwemisebenzi.
"Sikholelwa wukuthi, maningi amathuba okusebenzisa insangu ukuze ithuthukise imboni yezolimo neminye imikhakha. Imininingwane ekhona iveza ukuthi imboni yensangu ingenza inzuzo engu-R100 billion. I-United Nations ikholwa ngukuthi iNingizimu Afrika ikhiqiza u-2,300 tons wensangu ngonyaka okuyenza ilale isithathu emazweni akhiqiza insangu eningi e-Afrika," kusho uDube-Ncube.
Uthe iKwaZulu-Natal isona sifundazwe esisethubeni lokukhiqiza insangu eningi ngenxa yesimo sezulu kulesi sifundazwe esivuna ukukhula kwensangu kalula uma siqhathaniswa nezinye kanye namanye amazwe aphesheya, ikakhulukazi e-Europe.
"Siwuhulumeni asifuni ukuthi bantu basemiphakathini yethu abebevele beyitshala insangu bavaleleke ngaphandle. Siwuhulumeni sizogxila ezindaweni ezisemakhaya ngoba zinomlando omude wokutshala nokusebenzisa insangu yize bebekwenza ngokungemthetho. Njengoba uhulumeni esevula amathuba, asifuni ukuthi abantu basale ngaphandle," kusho yena.
Umnyango kaDube uphinde waveza ukuthi uyazi kunezinhlangano ezikhokhisa abantu ukuze zisabalalise ulwazi ngemboni yensangu. Uthe bewumnyango basazoqhubeka nezinhlelo zamahhala zokusabalalisa ulwazi ngale mboni.