Izindaba

Kushone intombazanyana (2) kudutshulwa imoto eCato Ridge

Se-Anne Rall|Published

IMOTO enezimbobo zezinhlamvu ebihamba umndeni odutshulwe eCato Ridge, eNtshonalanga neTheku ngoLwesibili. Isithombe: ER24 IMOTO enezimbobo zezinhlamvu ebihamba umndeni odutshulwe eCato Ridge, eNtshonalanga neTheku ngoLwesibili. Isithombe: ER24

KUSHONE intombazanyana eneminyaka emibili nowesilisa oneminyaka engu-40 kwalimala abanye abayisithupha ngesikhathi kudutshulwa imoto abebehamba ngayo eCato Ridge, eNtshonalanga neTheku, ngoLwesibili.

Ngokusho kokhulumela amaphoyisa, uColonel Thembeka Mbele, umndeni wabantu abangu-8 ubuhamba ngemoto emgwaqweni uNagle Dam Main ngemuva kuka-9 ekuseni ngesikhathi amadoda amathathu evulela ngenhlamvu ebhekise ngasemotweni. 

"Badubule babhekisa ngakubona nabo baphindisela. Ababili abebesemotweni, owesilisa oneminyaka angu-40 nentombazanyana eneminyaka emibili badutshulwe bafa. Abasolwa babaleke bangena ehlathini eliseduzane. Abanye abebelimele baphuthunyiswe esibhedlela ukuze bathole ukwelashwa. Ayikaziwa imbangela yalokhu kanti uphenyo lusaqhubeka," kusho uMbele. 

Okhulumela i-ER24, uMnuz Russel Meiring, uthe abezimo eziphuthumayo uthe akukho obekungenziwa ngabashonile.  

"Akukho abebesengenzelwa khona. Ngemuva kwesikhashana, abezimo eziphuthumayo batshelwe ukuthi abanye abayisithupha abebesemotweni bese bephuthunyiswe emtholampilo oseduzane. Emtholampilo, abezimo eziphuthumayo bahlenge abalimele bathola ukuthi umfanyana onemimnyaka emithathu usesimeni esibucayi ,abadala balimele kancane," kusho uMeiring. 

"Ngemuva kokuhlengwa, umfanyana undiziswe ngendiza enophephela emhlane wayiswa esibhedlela esiseduzane ngesikhathi abadala behanjiswa i-ambulensi ibayisa esibhedlela. Imininingwane yalesi sigameko ayikaziwa kodwa abomthetho bebesendaweni yesigameko beqhuba uphenyo," kusho yena.