UNKSZ Thandaza Mtshali (30) nobabekazi wakhe uNksz Ntombenhle Mhlongo (36) ababonakala kwi-video esisabalaliswe ezinkundleni zezokuxhumana bephethe isidumbu sikaMnuz Sifiso Mtshali (osesithombeni ) ngesikhwama esiwususeyili. Isithombe: Zanele Zulu African News Agency (ANA) UNKSZ Thandaza Mtshali (30) nobabekazi wakhe uNksz Ntombenhle Mhlongo (36) ababonakala kwi-video esisabalaliswe ezinkundleni zezokuxhumana bephethe isidumbu sikaMnuz Sifiso Mtshali (osesithombeni ) ngesikhwama esiwususeyili. Isithombe: Zanele Zulu African News Agency (ANA)
UBEWABHALA phansi ebhukwini amagama ezingane zakhe eziwu-38 abenazo uMnuz Sifiso Justice Mtshali (46) waseMadundube, ngaphandle kwaKwaDukuza, isidumbu sakhe esiqithilwe emahhovisi akwa-Old Mutual ngeledlule.
Umshana wakhe, uNksz Thandaza Mtshali, uthe ubenebhuku elibhalwe amagama ezingane, onina bazo, amakheli abo, izinombolo zocingo nokuthi izingane zazalwa nini.
Kuthiwa ubengenandaba nezingane kodwa ubenza isiqiniseko sokuthi uyazibhala ebhukwini, ethi wenzela ukuthi uma kwenzeka efa umndeni wakhe ungahlupheki kodwa utshele izingane zakhe ukuthi ushonile.
UNksz Mtshali uthe umalume wakhe ubekhonze ukuzidlalela. Waqala ukubhala ebhukwini ethola izingane zakhe zokuqala ezimbili ezizalwa ngonina abehlukene ezineminyaka ewu-23 njengamanje.
UMNUZ Sifiso Justice Mtshali (46) waseMadundube, ngaphandle kwaKwaDukuza, isidumbu sakhe esiqithilwe emahhovisi akwa-Old Mutual ngeledlule.
Ingane yokugcina ebhalwe ebhukwini ineminyaka ewu-9.
“Yonke into yakhe ubeyenza ihlaya. Nalo ibhuku ubehleka uma umbuza ngalo. Ubekutshela ukuthi uyisoka, uma engabhali angagcina engasazi ukuthi zingaki. Ngiyacabanga ukuthi kodwa lokhu ubekwenza ngoba ubezazi akanaso isikhathi sokuthi elokhu evakashisa izingane zakhe ekhaya ukuze zaziwe. Uma ungazange wenze ubudlelwane nengane eceleni ubungeke uyibone ngoba uyise ubesuke esenake ezinye izintombi.”