Isithombe esigciniwe: Antoinne De Ras / African News Agency / ANA Isithombe esigciniwe: Antoinne De Ras / African News Agency / ANA
USIMISO Chonco obhekene necala lokubulala owayeyintombi yakhe enezinyanga ezine ezithwele uthi wayengakuhlelanga ukumbulala.
UChonco ngoLwesibili uvume icala lokubulala uNksz Sinethemba Ngubo walahla isidumbu sakhe eduze kwamathuna aseNtuzuma, enyakatho neTheku. Umbuso ukuchithile ukuvuma kwakhe icala ethi wayengahlelanga ukubulala uNgubo. Ukuchithwa kokuvuma kwakhe icala kwenze icala lakhe laqulwa njengelomuntu ongalivumanga icala. UChonco ubhekene necala lokubulala, elokubamba inkunzi ehlomile ukudlwengula nokutholakala nemoto kamufi. Waboshwa esahlela ukususa isidumbu sikaNgubo eyosibeka kwenye indawo.
Ngokusho kombuso, uChonco wadlwengula uNgubo owayekhulelwe ingane yakhe ngaphambi kokumbulala ngoDisemba 9 2018. Umshushisi utshele inkantolo enkulu eThekwini ukuthi ukubulawa kukaNgubo kwakuhleliwe.
Esitatimendeni sakhe, uChonco uthe benoNgubo bebethandana kusukela ngo-2014 behlala ndawonye ubudlwelwano babo baze baphela ngo-2016. Uthe wabe esebuyela ekhaya wabuyelana nonina wengane yakhe eneminyaka emine, uNondumiso Nzama kodwa uNgubo ehluleka ukwamukela ukuthi ubudlelwano babo sebuphelile.
Uthe ngoDisemba 9 umufi wafika kubo ehleli noNzama kwasuka ingxabano wase ehamba nomufi ethi uyamgodukisa.
"Endleleni wayengithethisa wangishaya nangempama ngaqhubeka ngashayela. Ngase ngibona ukuthi sizolimala ngama eceleni ngaphuma emotweni,"
"Ngangihluleka ukumehlisa umoya ngamshaya kabili ngengqindi ngase ngimbamba emqaleni ngezandla zombili. Ngabona ukuthi akasaphefumuli ngatatazela ngase ngimbeka esihlalweni esingemumva emotweni. Ngalahla isidumbu sakhe eduze kwebhulohwe ngabuyela ekhaya ngafika ngabikela uNzama," kusho yena.
UNzama ongufakazi wombuso utshele inkantolo ukuthi akakholwanga uChonco esemtshela ukuthi umbulele uNzama.
"Wabuya wangitshela ukuthi ubulele uSne washiya isidumbu sakhe eduze kwebhulohwe. Ngangingakholwa ngoba wayengakhombisi ukuzisola," kusho yena.
UNzama uthe watshela umsolwa ukuthi akamyise la alahle khona isidumbu.
"Sahamba saya endaweni okuthiwa iKwaSheleni la angikhombisa khona isidumbu. Ngabona ukuthi umufi wayengagqokanga ngokuphelele engafakanga nezicathulo. Wayesagqoke izimpahla ayezigqoke ngesikhathi efika endlini. Ngase ngimcela ukuthi asigodukise nengane," kusho yena.
Icala liyaqhubeka.