KUTHOLWE isidumbu ehhotela laseSuncoast, ngaphandle kwalo okutholwe izidumbu zabanye ababili ngoMsombuluko. Isithombe: Sibonelo Ngcobo African News Agency (ANA) KUTHOLWE isidumbu ehhotela laseSuncoast, ngaphandle kwalo okutholwe izidumbu zabanye ababili ngoMsombuluko. Isithombe: Sibonelo Ngcobo African News Agency (ANA)
KUNGAKAPHELI sikhathi esingakanani kutholwe izidumbu zababili esihlabathini sasebhishi laseSuncoast, sekuphinde kwatholwa isidumbu sowesilisa (49) obekwelinye lamagumbi ehhotela elikulendawo eThekwini, ngoLwesibili.
Amaphoyisa aqinisekise ukuthi asazophenya kabanzi ngalesi sigameko.
Okhulumela amaphoyisa uColonel Thembeka Mbele uthe kuzovulwa icala, bephenye imbangela yokushona kukamufi.
UMbele uthe isidumbu besidindilize phansi kwelinye lamahhotela aseNorth Beach.
“Uphenyo mayelana nalesi sigameko lusaqhubeka. Ukuhlolwa kwesidumbu yikhona okuzocacisa ngembangela yokushona kukamufi,” kuchaza uMbele.
Lesi sehlakalo silandela esinye isigameko esenzeke olwandle eThekwini, lapho kutholwe khona owesifazane (50) nowesilisa (24) begwazwe babulawa endaweni engaqhelile kakhulu kuleli hhotela.
Kusolwa ukuthi uFathima Muhammad noKresen Chandiah bagwazwa bashonela endaweni yesigameko. Izidumbu zatholwa owesilisa owayebheka izimpahla azozidayisa.
Akukaboshwa muntu ngaleso sigameko. Akucaci ukuthi lezi zigameko zihlobene yini.