Isithombe esigciniwe: Pexels Isithombe esigciniwe: Pexels
LIGWETSHWE odiikajele ababili iphoyisa laKwaZulu-Natal ngamacala okubulala owesifazane owayeyintombi yalo nesoka lakhe elisha.
UHlanganani Nxumalo (39) obesebenza njengosayitsheni ophikweni lweVIP Protection eMgungundlovu ngoMsombuluko uphinde wagwetshwa eminye iminyaka emihlanu ngokushaya ngenhloso yokulimaza ngesikhathi kwethulwa isigwebo sakhe enkantolo enkulu eGoli.
Kubikwa ukuthi ngoJuni nonyaka, uNxumalo washayela esuka KwaZulu-Natal elibhekise e-Alexandra eGoli, lapho afike wadubula wabulala khona lowo owayeyintombi yakhe nesoka lakhe elisha.
"Ngemuva kokuthi umsolwa enze lesi senzo washayela wabuyela KwaZulu-Natal lapho afike aboshwa khona," kusho obambele okhulumela i-Independent Police Investigative Directorate (IPID) uMnuz Sontaga Seisa.
USeisa uthe isigwebo sithumela umyalezo obalulekile wokuthi labo abangawuhloniphi umthetho bazobhekana nengalo yomthetho.
Uncome umsebenzi owenziwe umseshi uMnuz Phihlela Nelson Poopedi waphinde wabonga nemindeni yababulewe ngokubambisana namaphoyisa.