Izindaba

Kusolwa itekisi kushona umfana (10) oThongathi

Jolene Marriah-Maharaj|Published

KUSOLWA itekisi ngokufa komfundi obesendleleni eya esikoleni. Isithombe: IPSS Medical Rescue KUSOLWA itekisi ngokufa komfundi obesendleleni eya esikoleni. Isithombe: IPSS Medical Rescue

UBEBHEKE esikoleni umfana (10) okusolwa ukuthi ushayiswe itekisi washona eHambanathi, oThongathi, ngoLwesibili ekuseni. 

Okhulumela i-IPSS Medical Rescue uPaul Herbst uthe abezimo eziphuthumayo bafike endaweni yesigameko ingane isishonile futhi netekisi ishaye yachitha. 

UHerbst uthe bathole ulwazi ngokuthi itekisi ime endaweni engaqhelile kakhulu nalapho kwenzeke khona isigameko. 

“Lokhu kudalwe ukuthi amalungu omphakathi abefuna ukushaya umshayeli,” kusho uHerbst.

UHerbst uthe abomthetho bafikile endaweni yeigameko futhi basaqhubeka nophenyo. 

Ngenyanga edlule, umphakathi waseWaterloo, eVerulam, ubeke umthetho ezandleni zawo ngenxa yesigameko sokushayiswa kwengane yomfana (10) eyagcina ishonile.

Iphephandaba iDaily News labika ukuthi umshayeli wesilisa wayehamba ngesivinini esiphezulu ngenkathi ehluleka ukulawula iveni, lashayisa ingane eyayidlala eceleni komgwaqo. Umshayeli wazama ukubaleka kodwa imoto yashayisa ocingweni lokubiya. Ngemuva kwesigameko, umshayeli wahlaselwa amalungu omphakathi.

Umfana washonela endaweni yesigameko.

NgoMeyi nonyaka umshayeli wetekisi ushiye kukhalwa eNewlands eshayisa abafundi.