Izindaba

Kushone ummeli kuqhuma isibhamu enkantolo

Kailene Pillay|Published

UMSHUSHISI wombuso u-Advocate Addelaid Ferreira-Watt udubuleke enkantolo yesifunda yaKwaZulu-Natal ngoMsombuluko. Isithombe: Sigciniwe UMSHUSHISI wombuso u-Advocate Addelaid Ferreira-Watt udubuleke enkantolo yesifunda yaKwaZulu-Natal ngoMsombuluko. Isithombe: Sigciniwe

INGENE ilekanyana imiyalezo yenduduzo ebhikiswe emndenini womshushisi osemkantshubomvu odubuleke enkantolo ngoMsombuluko. 

Kusolakala ukuthi u-Advocate Addelaid Ferreira-Watt udubuleke okhalweni washonela esibhedlela. Okhulumela amaphoyisa uBrigadier Jay Naicker ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa aseMzimkhulu aphenya icala lokubulala ngokungenhloso. 

Ngokusho kukaNaicker, lesi sigameko senzeke enkontolo yesifunda eMzimkhulu ngoMsombuluko ntambama. 

"Lo wesifazane oneminyaka engu-51 uphuthunyiswe esibhedlela ngemuva kokudubuleka okhalo ngakwesobunxele. Kusolakala ukuthi isibhamu besilethwe njengobufakazi ecaleni lokugqekeza ngesikhathi siqhuma ngephutha enkantolo. Ngebhadi angeke sikwazi ukudalula imininingwane eminingi njengoba uphenyo lusesigabeni esibucayi," kusho uNaicker. 

Ukushona kukaFerreira-Watt bekusabalele enkundleni yokuxhumana uFacebook njengoba abantu bebethumela amazwi enduduzo. 

"Angikukholwa lokhu! Izinhliziyo zethu sonke ziphukile. Ngidlulisa amazwi enduduzo kubona bonke abangani nabomndeni," kubhala omunye wabangani bakhe kuFacebook.

Omunye ubhale ukuthi: "Amazwi enduduzo emndenini nakubagani. Ulale ngokuthula muntu omuhle. Uzokhunjulwa."

"Uthathwe ngokushesha Addelaid Ferreira-Watt. Ngizokhumbula imiyalezo yakho eyakhayo namazwi akho agcwele uthando. Ulale ngokuthula. Amazwi enduduzo kubo bonke abomndeni nabangani," kubhala omunye wabangani bakhe.