Izindaba

Umndeni usakhala ngethuna likaMeyiwa

Sne Masuku|Published

Ithuna likaMeyiwa eliseHeroes Acre Cemetery, eChesterville, libonakala ngezimbali ngaphezulu kodwa akukho osekwenziwe ukukhombisa ukubaluleka kwaloyo ongcwantshwe kulo. Isithombe: Thobile Mathonsi Ithuna likaMeyiwa eliseHeroes Acre Cemetery, eChesterville, libonakala ngezimbali ngaphezulu kodwa akukho osekwenziwe ukukhombisa ukubaluleka kwaloyo ongcwantshwe kulo. Isithombe: Thobile Mathonsi

UYAKHALA umndeni wowayengunozinti we-Orlando Pirates uSenzo Meyiwa njengoba uthi wawuthenjiswe uMasipala weTheku nohulumeni kuzwelonke ukuthi uzonakekela umngcwabo kaMeyiwa, kanye nokubeka itshe ethuneni lakhe. 

Umfowabo kaMeyiwa, uSiya utshele iphephandaba elinguzakwabo weSolezwe, iDaily News, ukuthi bebethembele kuhulumeni nezikhulu zikamasipala ngokubasiza ngomngcwabo. Ngemuva kweminyaka emihlanu, lutho ukuthola usizo njengoba itshe lingakaze libekwe ethuneni. 

Ithuna likaMeyiwa eliseHeroes Acre Cemetery, eChesterville, libonakala ngezimbali ngaphezulu kodwa akukho osekwenziwe ukukhombisa ukubaluleka kwaloyo ongcwantshwe kulo. 

Umphathi kuMnyango wezamaPaki eThekwini uMnuz Thembinkosi Ngcobo uthe yize umkhandlu unezinhlelo zokulondoloza iHeroes Acre Cemetery, ukubekwa kwetshe kulele emndenini uqobo.

Sekuphele iminyaka emihlanu kwabulawa uMeyiwa kodwa lutho ukuboshwa ababulali. 

Kwavela ukuthi uMeyiwa wadutshulwa emzini kanina wentombi yakhe uKelly Khumalo eVosloorus, Ekurhuleni, ngo-Okthoba 26, 2014.

USya uthi usayikhumbula imihlangano eyayibanjelwa emzini wakwaMeyiwa eMlaza ngenkathi kulungiselelwa umngcwabo. Uthi lemihlangano yayihanjelwa abaholi bahulumeni kwisifundazwe nakuzwelonke, kanye nezikhulu zikaMasipala weTheku, okungabantu ababefuna ukuzosiza. USya uthi kulemihlangano kwaxoxwa ngendawo yokungcwaba nokubekwa kwetshe ethuneni. 

“Ngiyakhumbula ukuthi umndeni wasithatha isinqumo sokungcwaba uSenzo eMlaza kodwa uhulumeni wawufuna ukuthi uSenzo angcwantshwe ngokohlelo lukahulumeni. Ngenkathi izikhulu zibeka umbono wokungcwabela eHeroes Acre, samuthemba uhulumeni, sikholelwa ukuthi bazoqinisekisa ukuthi banakekela yonke into, ngibala ukubekwa kwetshe. Sizifundele thina ukuthi uhulumeni akathembeki,” kuchaza uSya. 

USya uthe izithembiso azibhalwanga phansi, okwenza kwaba nzima ukuthi umndeni ulwisane nohulumeni. USya uthe umndeni ubungakaxoxi ngokubeka itshe ethuneni likaSenzo.