KUSHE kwangqongqa isalukazi nabazukulu ababili eNanda Newtown A emuva kokuvinjezelwa wumlilo belele, ezintatha ngoMgqibelo.
UNkk Sylvia Ncayiyana (77) nabazukulu bakhe ababili, uNksz Sizakele Mhlongo (29) noMpendulo Mhlongo (3) batholwe sebeshe baba ngumlotha emuva kokuthi omakhelwane behluleke bancama ukugqekeza iminyango namawindi anezinsimbi.
Indodakazi kaNksz Ncayiyana, uNkk Dolly Zulu (52) ehlala eNanda Glebe ithe ivuswe wucingo lomakhelwane lumazisa ukuthi kuyasha kubo.
“Umakhelwane uthe uzwe umama ekhala endlini ethi nakhu esha nezingane endlini. Kuthe uma bephuma bathola indlu isha. Bazamile ukubasiza kodwa bavinjwa ngama-burglar guards. Ngishayele abezicishamlilo abasheshe bafika bagqekeza kodwa kwasho ukuthi bese kuvele konakele,” kusho uNkk Zulu.
Uthe isidumbu sikanina sitholakale ethoyilethi, esikaNksz Mhlongo satholwa ekamelweni nesengane yakhe uMpendulo sisekhoneni.
“Kubukeka sengathi bebezama indlela yokuphuma. UMpendulo kungenzeka ukuthi ubethi uyacasha njengoba etholakale ekhoneni. Kubuhlungu indlela umndeni wami oshone ngayo. Bebehlala bobathathu endlini enamagumbi amane. Ama-burglar ayefakelwe ukubavikela ezigebengwini,” kusho uNkk Zulu.
Uthe kubukeka sengathi umlilo uqale ekamelweni elincane obekulala kulo uNksz Mhlongo.
“Kuleli kamelo kunesigubhu sikagesi wekhadi. Asazi noma umlilo udalwe yizintambo zikagesi ngoba kushe yonke into,” kusho uNkk Zulu.
Ubonge iMeya yeTheku, uMnuz Mxolisi Kaunda ongomunye wezikhulu zikamasipala ezihambele umndeni emuva kwesigameko. Uthe kusekude bakukholwe okubehlele emuva kokubona izihlobo zabo zisha zingqongqa phambi kwabo.
Okhulumela amaphoyisa eKZN, uColonel Thembeka Mbele uthe amaphoyisa aseNanda aphenya ngokufa kwamalungu omndeni amathathu.
“Isalukazi esino-77, owesifazane nengane eneminyaka emithathu bashe bangqongqa ngesikhathi indlu abebelele kuyo ithungeleka ngomlilo,” kusho uCol Mbele.