Izindaba

Omunye umndeni udinga usizo lwe-AfriForum ngowabulawa

Nkululeko Nene|Published

UMZALA kaSenzo Meyiwa, uMnuz Sfiso Meyiwa nesikhulu esiphezulu se-AfriForum uMnuz Kallie Kriel esithangamini nabezindaba ngeledlule. Isithombe: Thobile Mathonsi African News Agency (ANA) UMZALA kaSenzo Meyiwa, uMnuz Sfiso Meyiwa nesikhulu esiphezulu se-AfriForum uMnuz Kallie Kriel esithangamini nabezindaba ngeledlule. Isithombe: Thobile Mathonsi African News Agency (ANA)

SEKUVELE omunye umndeni osucele i-AfriForum ukuthi ingenelele odabeni lokubulawa kwelungu lawo emuva kokunganeliseki ngomsebenzi wamaphoyisa nezomthetho eNingizimu Afrika.

Lo mndeni ulandela ezinyathelweni zomndeni wowayengunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana uSenzo Meyiwa osanda kuphumela obala ngokuthi ithemba usulibeke kule nhlangano ukuze kutholakale ababulali bakaMeyiwa.

UMeyiwa wabulawa kubo kwentombi yakhe engumculi uKelly Khumalo, eVosloorus eGoli, ngo-2014.

Umndeni kaMeyiwa, umelwe ngu-Advocate Gerrie Nel, owayengumshushisi ecaleni lokubulawa kukaNksz Reeva Steenkamp ngu-Oscar Pistorius.

Kuleli sonto omunye umndeni waKwaZulu-Natal okwabulawa ilungu lawo elaliyiphoyisa uConstable Thandoluhle Mhlongo, uveze ukuthi ubukele emndenini wakwaMeyiwa ngokufaka isicelo sokusizwa yi-Afriforum.

Uyise kamufi uMnuz Sazi Mhlongo, ongusihlalo wabelaphi bendabuko KwaZulu-Natal, uveze ukuthi indodana yakhe yadutshulwa yabulawa ngesikhathi iseshisanyama eKranskop.

Uthe ukubulawa kwendodana yakhe kwakuhleliwe ngoba yayisanda kubopha usopolitiki owayethinteka ecaleni lokubulala.

“Siphatheke kabi ngoba uphenyo lwamaphoyisa lwahluleka wukuthola umnyombo wokubulawa kwendodana yami. Siyazi ukuthi wabulawelwa umsebenzi wakhe. Ubebopha engadlali. Ngeshwa amaphoyisa afana naye aphenduka izitha zezigebengu. Sibheke ukunxenxa i-AfriForum ukuthi isilekelele ekutholeni ubulungiswa,” kusho uMhlongo.

Uthe uThandoluhle (34) wabulawa esezothuthela emzini wakhe ayeseqedile ukuwakha eduze kwakubo.

Uveze ukuthi ukushona kwakhe kwashiya ingoduso yakhe ihlukumezekile njengoba yayisisele yodwa ukuthi ikhulise izingane zabo ezimbili.

Okhulumela oKlebe KwaZulu-Natal, uSimphiwe Mhlongo, uthe ngamampunge ukuthi awukho umnyakazo ngecala likaConstable Mhlongo.

Uthe icala lokubulawa kwakhe liphenywa ngoKlebe ethimbeni leDurban Serious Organised Crime Unit.

“Kukhona umsolwa owaboshwa emuva kwezinsuku ezimbalwa kwenzeke isigameko. Icala lisusiwe eNkantolo yeMantshi yaseKranskop ladluliselwa eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu ukuze kuqale ukuqulwa kwecala,” kusho uMhlongo.

Isikhulu esiphezulu se-AfriForum, uMnuz Kallie Kriel, uthe selokhu bephumele obala ngokuthi bazosiza umndeni wakwaMeyiwa sebethole izicelo eziningi ezivela kweminye imindeni.

Uthe bazozama okusemandleni abo ukusiza imindeni efake izicelo yize bengeke bathembise ukuthi amacala afakwa kubo azoxazululwa.