OWAYENGUMENGAMELI wakuleli uMnuz Jacob Zuma okubikwa ukuthi ubesesibhedlela isonto lonke. Isithombe: Karen Sandison/African News Agency(ANA) OWAYENGUMENGAMELI wakuleli uMnuz Jacob Zuma okubikwa ukuthi ubesesibhedlela isonto lonke. Isithombe: Karen Sandison/African News Agency(ANA)
OWAYENGUMENGAMELI wakuleli, uMnuz Jacob Zuma ubelaliswe esibhedlela isonto lonke ngesikhathi iNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu ichitha isicelo sakhe sokuthi adlulise icala lokwehlisa isithunzi owake waba ngomunye wongqongqoshe ezingeni likazwelonke, uMnuz Derek Hanekom.
Usihlalo weJacob Zuma Foundation, uNksz Dudu Myeni ukuqinisekisile lokho izolo.
Uthe uZuma ubelaliswe kwesinye sezibhedlela eThekwini ngokugula okungaziwa.
UZuma ubengaqali ukuchithwa yicala njengoba amaJaji amathathu uThoba Poyo-Dlwati, Bhekisisa Mnguni no-Esther Steyn achitha isicelo sokuthi kuhoxiswe isicelo sakhe sokuthi angashushiswa ngamacala enkohlakalo amayelana nokuthengwa kwezikhali zakuleli, ebhekene nawo enenkampani ekhiqiza izikhali yaseFranse, iThales .
UNksz Myeni ucele ukuthi uZuma anikwe ithuba lokuthi aphile impilo yakhe ngaphandle kokuphazanyiswa.
Uthe uZuma ukhishwe esibhedlela ngoLwesine, okuwusuku okuchithwe ngalo isicelo sakhe odabeni oluthinta uHanekom.