USibusiso Mpungose ozogwetswha ngecala lokubulala izingane ezine. Isithombe: Leon Lestrade African News Agency (ANA) USibusiso Mpungose ozogwetswha ngecala lokubulala izingane ezine. Isithombe: Leon Lestrade African News Agency (ANA)
UGIXABEZWE odilikajele abane eNkantolo eNkulu eMgungundlovu namuhla uyise ovume icala lokubulala izingane zakhe ezintathu, neyodwa yomkakhe angayizali.
USibusiso Mpungose (44) ulivumile icala lokubulala izingane zakhe ezine ngenkathi zisekhaya eWyebank, ePinetown ngoSepthemba 3. UMpungose uvume icala ngenkathi evele enkantolo ngo-Okthoba.
Izingane ezabulawa zineminyaka engu-4, 6 kanye no-10 ngokuhlukana kwazo. Indodakazi angayizali eneminyaka engu-16 yatholakala ilklinywe ngebhade ehlathini ePadfield Park, ePinetown.
Ngenkathi evuma icala, uMpungose (44) waveza ukuthi bekukhona izinkinga emshadweni wabo futhi unkosikazi wakhe ubesefuna isehlukaniso. UMpungose wathi lokho kwamhlukumeza, waqoma ukubulala izingane zakhe, naye imbala yize wahluleka.
Ethula isinqumo sakhe enkantolo ngoLwesithathu uJaji Sharmaine Balton uthe uMpungose ukhombise ubulwane ngezenzo zakhe. Uthe imiphumela yokuhlolwa kwezidumbu iveze izibazi ezihlasimulisa umzimba ngendlela aziklinya ngayo izingane.
"Asikwazi nokucabanga ukuthi zazicabangani izingane ngesikhathi wenza lesi senzo esishaqisayo. Babekuthanda bekuthemba njengoyise," kusho uBalton.
Uthe inkosikazi yakhe yafakaza enkantolo yaveza ukuthi uMpungose wayeyingxenye enkulu yokukhulisa nokufundisa izingane.
"Lezi zingane bezingenaso isizathu sokulindela okubi kuwe ngesikhathi uzilanda esikoleni. Wenza lento ukuze uzwise inkosikazi yakho ubuhlungu ngoba wawusola ukuthi wayeshendeza, ungafuni ukwamukela uma eziphika lezi zinsolo nokuthi kwase kuphelile ngomshado wenu. Kunalokho usebenzise izingane njengamathoyizi kulempi nomkakho. Akubona ubuntu lobo futhi kuyashaqisa kakhulu ngoba izingane zakho lezi, ezintathu kuzo igazi lakho. Anginawo amazwi okuchaza izenzo zakho," kuqhuba uBalton.