Izindaba

Lihlehlile elosolwa ngokubulala u-Uyinene Mrwetyana

ANA Reporter|Published

ULUYANDA Botha (42) ubhekene necala lokudlwengula, elokubulala kanye nelokuphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho. Ubevele enkantolo yemantshi eWynberg ngoLwesithathu. Isithombe: Ayanda Ndamane/African News Agency(ANA) ULUYANDA Botha (42) ubhekene necala lokudlwengula, elokubulala kanye nelokuphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho. Ubevele enkantolo yemantshi eWynberg ngoLwesithathu. Isithombe: Ayanda Ndamane/African News Agency(ANA)

UVELE kafushane eNkantolo yeMantshi eWynberg, eKapa, owesilisa osolwa ngokubulala isitshudeni sase-University of Cape Town (UCT) u-Uyinene Mrwetyana (19) ngoLwesibili. 

Icala lihlehliselwe uNovemba 7. Ngokusho kwemibiko, iMantshi uGoolam Bawa inqume ukuthi uLuyanda Botha (42) agagulwe ngegama aphinde athwetshulwe ngabezindaba. 

UBotha ubhekene necala lokudlwengula, elokubulala kanye nelokuphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho. Kusolakala ukuthi wayengela umgilwa oneminyaka engu-19 eposini eliseClaremont ngo-Agasti wamdlwengula wabe esemshaya wafa.

Kubikwa ukuthi uBotha wawavuma amacala akhe ngesikhathi amaphoyisa embopha emhloma ngemibuzo ngemuva kwezinsuku ezingu-6 kwenzeke isigameko. Kuphinde kwavezwa ukuthi umsolwa ubeseke wagwetshwa ngaphambilini ngaphambi kokuqashwa njengomsebenzi wasePosini laseClaIreinch. 

Izakhamizi ebezidinwe zigane unwabu zinikele enkantolo zitelaka ziphethe izingqwembe ezibhalwe ukuthi zifuna ubulungiswa ngokubulawa kwalesitshudeni sase-UCT. 

U-Uyinene wanyamalala ngoMgqibelo ngo-Agasti 24 eya eposini eliseClaireinch. Uphenyo lwamaphoyisa lwawaholela kuBotha owayesebenza khona eposini. Umsolwa wabe eseboshwa mayelana nokuduka kuka-Uyinene. '

ULUYANDA Botha (42) ubhekene necala lokudlwengula, elokubulala kanye nelokuphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho. Ubevele enkantolo yemantshi eWynberg ngoLwesithathu. Isithombe: Ayanda Ndamane/African News Agency(ANA)

Ekhuluma emngcwabo ka-Uyinene uNgqongqoshe wamaPhoyisa kuzwelonke, uMnuz Bheki Cele, wathi uzokwenza isiqiniseko sokuthi amaphoyisa amukela abazovula amacala kube ngawesifazane, abazoqonda uma owesifazane ethi udlwenguliwe.

Uthe akuqaphelayo wukuthi awesilisa awanazwelo uma ethatha izitatimende kwabadlwenguliwe.

Esikhundleni sokwenza umsebenzi wawo agcina ebuza abesifazane abahlukunyeziwe ngendlela abebegqoke ngayo.

“La maphoyisa esilisa ayakhohlwa wukuthi awabona ongoti bezengqephu, akubalulekile ukuthi umuntu ubegqokeni. Yingakho ngifuna ukufaka amaphoyisa esifazane phambili ukuthatha izitatimende kwabadlwenguliwe,” kusho uCele.