UBOSHIWE uthisha osolwa ngokubulala uLwazi Tembe waseThengani eManguzi owanyamalala evakashele lo thisha ngoSepthemba 30 Isithombe: SIGCINIWE UBOSHIWE uthisha osolwa ngokubulala uLwazi Tembe waseThengani eManguzi owanyamalala evakashele lo thisha ngoSepthemba 30 Isithombe: SIGCINIWE
UVELE eNkantolo yeMantshi yaseManguzi ngoLwesine uthisha osolwa ngokubulala, agqibe umfundi (12) owaphuma kubo ngoSepthemba 30 wathi uyovakashela lo thisha.
Lo thisha (33) kuthiwa uqhutshwe ngamaphoyisa ngoLwesibili ukuthi ayokhomba lapho agqiba khona isidumbu somfundi kaGrade 6 waseNonikela Primary, uLwazi Tembe waseThengane eManguzi.
Uyise kaLwazi, uMnuz Celani Thusi (34) uthe kuvele kwathi xhifi kuye ngesikhathi ebona lo thisha engena enkantolo.
“Bekuthi angimbambe ngimyeke. Ngicasulwa wukuthi ngamshayela ucingo ngosuku okwanyamalala ngalo umfana wami, waphika ukuthi uke waxhumana naye. Sonke lesi sikhathi ebuzwa ngengane kanti uyazi ukuthi wayibulala wayoyigqiba,” kusho uThusi.
Uthe lo thisha ubengakhombisi nakancane ukuzisola ngesenzo sakhe enkantolo.
“Uma esho emaphoyiseni uthi wathumba ingane yami ngoba efuna ngimkhokhele imali. Emuva kwezinsukwana uLwazi enyamalele umama wakhe wathola umyalezo othi asifake uR5000 eSpar, uma sifuna ukumthola esaphila. Asizange siyenze leyonto ngoba imali sasingenayo. Ngiyasola kodwa ukuthi ulahla umkhondo, ingane uyibulale ngoba efuna ukudayisa izicubu zayo zomzimba,” kusho uThusi.
Uqhube wathi kusenzima ukwamukela isimo ngoba uLwazi ubenguzinyo bulala wakhe.
Ikhansela lendawo uMnuz Lucky Tembe uthe ushayelwe ucingo ngumphathisiteshi waseManguzi emazisa ngokuthi amaphoyisa asembambile umsolwa nokuthi uzoyokhomba lapho agqiba khona umfana.
“Isidumbu somfana sisifice sivele ngonyawo sinqunu. Asazi noma yizinja ebezizama ukusidonsa ngoba besingcwatshwe emgodini ongashoni. Isidumbu bese siqala ukonakala ngoba bekunephunga. Sisazoya kohlonzwa ukuze kutholakale ukuthi azikho yini izicubu zomzimba ezicwiyiwe,” kusho uTembe.
Uthe balindele ukuthi kube khona nabanye ababoshwayo ngoba kuyacaca ukuthi lo thisha kukhona ayesebenzisana nabo.
“Kumele abakhiphe ngoba wayengeke aqubule isidumbu eyedwa, kukhona imoto ayehamba ngayo. ULwazi ubemthemba lo thisha njengoba ayemfundisa ngonyaka odlule,” kusho uTembe.
Uthe embuza lo thisha ngokuyeka ukufundisa, wathi uyeke ngoba ubesematasa ngokuhweba kwiForex.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uBrigadier Jay Naicker ukuqinisekisile ukuthi uthisha ona-33 uvele enkantolo ngecala lokuthumba nokubulala umfana.
Uthe lo thisha uboshwe ngoLwesithathu , isidumbu sikaLwazi sitholakale ethuneni elingashoni enkundleni yezemidlalo khona eManguzi.
Icala lihlehliselwe uNovemba 7 lapho uthisha kulindeleke ukuthi afake isicelo sebheyili.