Izindaba

Baphithene ngonyamalale evakashele isoka

Nonhlanhla Shangase|Published

Udidekile umndeni kaNksz Busisiwe Mnyawo okuthiwa wanyamalala evakashele isoka lakhe abesanda kuliqoma Isithombe: Sithunyelwe Udidekile umndeni kaNksz Busisiwe Mnyawo okuthiwa wanyamalala evakashele isoka lakhe abesanda kuliqoma Isithombe: Sithunyelwe

AKASABUTHI quthu ubuthongo unina wowesifazane waseDassenhoek osekuphele amasonto amathathu enyamalele, ehambe eyovakashela isoka asanda kuliqoma.

UNksz Busisiwe Mnyawo (36) kuthiwa wahamba ekhaya kuwuMgqibelo ebusuku mhla ka-12 Okthoba wathi uvakashela isoka lakhona endaweni ahlala kuyo kodwa akaphindange wabonakala. Neselula yakhe kuthiwa ayingeni uma ethintwa kuyo.

Kwasoka okuthiwa wahamba eya kulo, liyamphika.

Unina, uNksz Jabu Mnyawo uthe indodakazi yakhe ize iya esokeni nje, iyingoduso yomuntu.

“Uke washo ukuthi banokungezwani nomkhwenyana wakhe esimaziyo. Kodwa bengizitshela ukuthi lezo zinkinga basazozilungisa. Ngithukile uma esethi uya kwelinye isoka futhi,” kusho unina kaNksz Mnyawo.

Uthe akayazi nakahle imininingwane yesoka abeya kulona ngoba yena ubesabambe eyokuthi unowesilisa omlobolayo, okunguyena abamaziyo.

“Ubengaqali ukuvakasha kuleli soka. Uke wahamba walivakashela, wabuya ngakusasa. Nangosuku ahambe ngalo wayeshilo ukuthi uzobuya ngakusasa kodwa kwangenzeka,” usho kanje.

Uthe usenovalo ngokunyamalala kwendodakazi yakhe ngoba ziningi izinto esezijwayele ukubikwa uma abesifazane benyamalala kulezi zinsuku.

“Akufani naye ukuvele anyamalale. Ungumuntu okhuluma iqiniso. Nabafowabo sebezamile ukumfuna nokubuza kubantu kodwa abatholi lutho. Uma kukhona abangaba nolwazi, ngiyacela bangisize ngoba unanezingane ezimbili nazo ziyamkhumbula zimbuza kimina,” kusho unina kaNksz Mnyawo.

Eqhuba uthe ngesikhathi isanda kunyamalala indodakazi yakhe, kukhona omakhelwane abathi bayibona ngasesikoleni sengane yayo kodwa ayizange iphinde ibonakale. Amaphoyisa aKwaZulu-Natal aqinisekisile ukuthi aphenya ngokunyamalala kwalo wesifazane.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni, uColonel Thembeka Mbele, unxuse amalungu omphakathi ukuthi alekelele amaphoyisa ngomkhondo walo wesifazane.