Izindaba

Uvalo kuzamazama umhlaba eThekwini

Se-Anne Rall|Published

KUSHAYISE abaningi ngovalo ukuzamazama umhlaba eThekiwini nezindawo ezakhelene naleli dolobha KwaZulu-Natal ngoLwesine. 

Ngemuva kuka- 1pm ngoLwesine emini, izakhamizi ezisedolobheni iTheku namaphethelo zifudukele ezinkundleni zokuxhumana zikhuluma ngokuzamazama komhlaba okuthuse abaningi kuleli. 

Ukuzamazama komhlaba kuthathe imizuzwana engu-42. Abantu abahlala eMkhomazi, Mgungundlovu, Hillcrest, Morningside naseDurban North bonke bakhale ngokuzamazama komhlaba.

ULyse Comins ohlala eSouth Coast uthe ubehamba noyise beya kudokotela ngenkathi ezwa umsindo womhlaba uzamazama. 

“Ngisebenza eJacobs, eNingizimu yeTheku kodwa ngizwile umhlaba uzamazama,” kuchaza omunye umhlali.

Omunye umhlali uthe ubesekhaya kubo ngenkathi ezwa indlu inyakaza. 

“Bekusabisa kakhulu,” kusho unina wezingane ezimbili. 

Kusolwa ukuthi lesi sehlakalo sihlobene nesibhicongo sokuzamazama komhlaba esenzeke esiqhingini saseMindanao ekuqaleni kwesonto. Ukuzamazama komhlaba, okube wu-6.5 magnitude, kudlule nezimpilo zabantu abayisithupha eMindanao. 

Baphawule kanje abantu ezinkundleni zokuxhumana: 

%%%twitter https://twitter.com/hashtag/earthquake?src=hash&ref_src=twsrc%5Etfw">#earthquake pic.twitter.com/v08zVeBFeq

— Njabulo Zuma (@underdog_zoomer)

%%%twitter https://twitter.com/CyrilRamaphosa?ref_src=twsrc%5Etfw">@CyrilRamaphosayou need to fix this before Mother Earth get extremely furious😡😡 #tremor #earthquake

— •Mamkhize• (@swetestberry)

%%%twitter https://twitter.com/hashtag/tremor?src=hash&ref_src=twsrc%5Etfw">#tremor #earthquake

— Ulrich Janse van Vuuren (@UlrichJvV)

%%%twitter https://twitter.com/hashtag/tremor?src=hash&ref_src=twsrc%5Etfw">#tremor #earthquake

— Ulrich Janse van Vuuren (@UlrichJvV)

%%%twitter https://twitter.com/hashtag/Earthquake?src=hash&ref_src=twsrc%5Etfw">#Earthquakeor #Tremor in Durban.

That was so scary 🙆‍♂️🙆‍♂️what the fuck 😂😂😂 Damn!! I'm still shaking. pic.twitter.com/LPEgRRnOnL

— Sandile Shamase (@Sandile_Shamase)