Izindaba

Usinde ngokulambisa owesifazane odutshulwe ePinetown

Staff Reporter|Published

Isithombe esigciniwe: Pexels Isithombe esigciniwe: Pexels

UPHUTHUNYISWE esibhedlela owesifazane osinde edutshulwa ngoLwesithathu ebusuku, ePinetown, eNtshonalanga yeTheku.

Kubikwa ukuthi lowesifazane uhlaselwe esangena emotweni yakhe, wadubuleka ibele ngakwesokunxele.  

Okhulumela abezimo eziphuthumayo iNetcare 911 uShawn Herbst uthe baphuthumele endaweni yesigameko ngemuva kokuzwa ngokudubulana okwenzeke ngaphandle kwenxanxathela yezitolo ePinetown, eThekwini. 

“Ngokombiko otholakale endaweni yesigameko, owesifazane (40) ubesanda kungena emotweni yakhe ngesikhathi kuqhamuka owesilisa ngasesandleni sokunxele ofike wamdubula,” kuchaza uHerbst.

UHerbst uthe abezimo eziphuthumayo bafike endaweni yesigameko, bathola ukuthi lowesifazane udutshulwe ngenhlamvu eyodwa ebeleni lakwesokunxele. 

Lo wesifazane uthole usizo lwezempilo endaweni yesigameko, wabe esedluliselwa esibhedlela ukuze ezosizwa ngokugcwele. 

UHerbst uthe amaphoyisa azophenya kabanzi ngembangela yokudubulana okwenzeke kule ndawo. 

Khonamanjalo, kubikwa ukuthi kulimale obeyisibukeli ngoLwesibili ebusuku ngenkathi kudubulana onogada nezigebengu endaweni yokupaka izimoto eMount Edgecombe Plaza, enyakatho yeTheku. 

Iphephandaba elishicilela ngaphansi kwe-Independent Media iDaily News, ibike ukuthi izigebengu ezine zingene zihlome ngezibhamu ekwenye isuphamakethe eseMount Edgecombe ngoLwesibili ebusuku.

Kusolwa ukuthi izigebengu bezibaleka ngesikhathi zidubulana nonogada kulendawo yezamabhizinisi. 

Okhulumela amaphoyisa uBrigadier Jay Naicker uthe omunye wabasebenzi ubesagadile ngenkathi kutheleka izigebengu endaweni yamabhizinisi eMount Edgecombe ngezikhathi zabo-7 ebusuku. 

“Izigebengu zithathe imali nogwayi ngaphambi kokubaleka ngezinyawo. Kukhona obeyisibukeli olimalile ngenkathi kudubulana izigebengu nonogada. Amaphoyisa asaphenya imbangela yokudubulana,” kusho uNaicker.