UNKSZ Ayanda Ngcobo isidumbu sakhe esatholwa endlini kaSiphamandla Sangweni eMlaza kwa-J ngoSepthemba. UNKSZ Ayanda Ngcobo isidumbu sakhe esatholwa endlini kaSiphamandla Sangweni eMlaza kwa-J ngoSepthemba.
USHAYE ingwiji, wahoxisa ukufaka isicelo sebheyili osolwa ecaleni lokubulala intombi yakhe, obevele eNkantolo yeMantshi yaseMlaza izolo.
UMnuz Siphamandla Sangweni (28), ubhekene necala lokubulala owayeyintombi yakhe uNksz Ayanda Ngcobo (24) ngenyanga edlule, isidumbu sakhe esatholakala endlini kaSangweni KwaJ Mlaza sinenxeba lokugwazwa esifubeni.
U-Ayanda wayeyisitshudeni esenza unyaka wesibili emkhakheni wobuntatheli, eRosebank College, kanti indodana yabo yatholwa ingenamyocu eduze kwesidumbu sikanina.
USangweni uboshwe ebhace eMzinto emuva kwezinsukwana kutholwe isidumbu sentombi yakhe.
Uqale waveza ukuthi uzoliphika icala kodwa washaya ingwiji wathi uzolivuma.
Enkantolo izolo, ummeli kamsolwa uMnuz Celani Dludla, uthe ummangalelwa akazulivuma icala futhi uzosebenzisa ilungelo lakhe lokuthula angaphenduli uma kunemibuzo abuzwa yona mayelana nokufakwa kwesicelo sebheyili.
UDludla uthe lo ammele bekunguyena owondlayo ekhaya futhi akakaze etholakale enecala phambilini.
Ummangalelwa uvumile ukuthi lesi sehlakalo senzeka kubo.
“Ngaya ekhaya ukuyobona ubaba ukuze anginikeze izeluleko. Ngosuku olulandelayo kwafika amaphoyisa. Mhlambe ngubaba owabikela amaphoyisa ngami,” kusho uSangweni.
Ngesikhathi ehlonywa ngemibuzo nguMshushisi kuleli cala, uNksz Nomkhosi Ngubeni, embuza ukuthi wayekuphi kwenzeka lesi sehlakalo, uthe:
“Ngifuna ukwazi isehlakalo okhuluma ngaso sihlobene kanjani nokufakwa kwesicelo sebheyili nanokuthi yisiphi isehlakalo okhuluma ngaso.”
Imantshi kuleli cala, u-Asheena Bacharam, iveze ukuthi izokuvumela ukubuzwa kukammangalelwa
ukuze athole ithuba lokubekela inkantolo ukuthi kungani kumele athole ibheyili.
USangweni uvumile ukuthi umufi ungunina wengane yakhe, waphinde wathi uzimisele ukuvuma icala, wakuhoxisa ukufaka isicelo sebheyili.
Icala lihlehlele uNovemba 26, kubuyekezwe imiphumela yokuhlolwa kwesidumbu nesinqumo senkantolo yesifunda ngokushintsha umqondo kukaSangweni ekutheni avume icala.