UGADWE amaphoyisa esibhedlela owesilisa ovithizwe umphakathi ngenduku umsola ngokubulala owesilisa.
Kubikwa ukuthi umsolwa ubulale owesilisa waphinde wazama ukubulala omunye kodwa wahluleka, okuyisigameko esenzeke ngoMgqibelo edolobheni iGoli.
Okhulumela amaphoyisa asenkabeni yedolobha iGoli uKapteni Xoli Mbele uthe amaphoyisa aphuthume endaweni yesigameko lapho iqulu labantu belishaya umsolwa (34).
“Ngenkathi efika amaphoyisa, achazelwe ukuthi umsolwa ugwaze amadoda amabili kwelinye lamabhilidi aseCorners Delvers naseCornelius,” kuchaza uMbele.
UMbele uthe iabagwaziwe baphuthunyiswe esibhedlela lapho oyedwa eshonele khona njengoba egwazwe amanxeba amaningi. Isimo sibucayi komunye osinde egwazwa.
“Imbangela yokugwazana ayikaziwa. Amaphoyisa aseqale uphenyo ngenhloso yokuthola imbangela eholele ekutheni kugwazwe abesilisa ababili,” kuchaza uMbele.
UMbele uveze ukuthi umsolwa usindiswe kukubi equlwini labantu elimhlaselile njengoba eqashwe amaphoyisa esibhedlela. Umsolwa kulindeleke ukuba avele eNkantolo yeMantshi eGoli njengoba ezobhekana necala lokubulala nokuzama ukubulala.
UMbele uthe akekho osaboshiwe ngecala lokushaya umsolwa.
Umphathi wesiteshi samaphoyisa asenkabeni yedolobha iGoli uBrigadier Perumal ucele umphakathi ukuthi uyeke ukubeka umthetho ezandleni zawo.
NgoSepthemba kulonyaka, kushone abesilisa ababili ngenkathi umphakathi wasePennyville ubavithiza ngenduku besolwa ngokutshontsha.