Izindaba

Uzovela enkantolo oweloli elibulale abafundi (8) engozini eNorth West

ANA Reporter|Published

Isithombe esigciniwe: African News Agency (ANA) Isithombe esigciniwe: African News Agency (ANA)

UZOVELA enkantolo owesilisa oneminyaka engu-26 obengumshayeli weloli eliphaphalaze lashayisa isihlala labulala abafundi abangu-8 eZeerust, eNorth West ngempelasonto. 

Okhulumela amaphoyisa uMnuz Sabata Mokgwabone uthe umshayeli ubhekene namacala okubulala ngokungenhloso, ukushayela budedengu kanye nokushayela ngaphandle kwelayisensi yokushayela. Kulindeleke ukuthi avele eNkantolo yeMantshi yaseLehurutshe ngoLwesithathu. 

"Ukuvela kwamsolwa enkantolo kulandela ukuboshwa kwakhe ngoMsombuluko (21 Okthoba) ngemva kokwehluleka ukuveza ilayisensi yakhe yokushayela. Kuvele ngesikhathi kwenziwa uphenyo ukuthi umsolwa ubesafunda ukushayela ngesikhathi kwenzeka ingozi esanezincwadi zokufundela kuphela. Uphenyo lusaqhubeka," kusho uMokgwabone. 

Abafana abayisithupha bashonela endaweni yesigameko, abanye ababili bashonela esibhedlela. Kubikwa ukuthi laba bafana babesendleleni ebuyela emakhaya eRietpan besuka emdlalweni webhola eBorakalo ngesikhathi kwenzeka ingozi phakathi kweLobatla neDriefontein. 

Okhulumela uMnyango wezeMfundo eNorth West uMnuz Elias Malindi uthe: "Abafundi abashone engozini bebefunda eRatsela Middle School kanye naseLetlhabane Primary School eduze kwaseRietpan eZeerust. Kukhona nabanye abasalulama esibhedlela," kusho uMalindi. 

Umdlalo webhola ubuhlelwe  amaqembu omphakathi, hhayi izikole abebefunda kuzona. Inkonzo yesikhumbuzo ibihlelelwe uLwesine esikoleni iLetlhabane Primary eRietpan. Uhulumeni wesifundazwe saseNorth West uthe uzimisele ngokubambisana nemindeni elahlekelwe kanye nangokwelekelela kubo bonke abathintekile.